KUTHINTEKE nabesibhakela kudlula emhlabeni uVusi Nhlakanipho Zuma oyindodana yobengumengameli waseNingizimu Afrika, uJacob Zuma.
UVusi (25) ushonele esibhedlela eGoli ngeSonto. Ngokwemibiko, unguthunjana ezinganeni zowayeshade noZuma, uKate Mantsho, owazibulala ngo-2000.
Nakuba uVusi ekade engekho emehlweni esizwe njengabanye abafowakhe kodwa ukudlula kwakhe emhlabeni kushaye kwazwela kumqeqeshi wesibhakela osemncane uDamien Durandt obengumngani wakhe.
UDamien uyindodana yoqweqwe lomqeqeshi, uNick “Mthakathi” Durandt, ongasekho. Uyena oqhubeka nejimu kayise iDurandt’s Gym eseGauteng enabashayisibhakela besigaba esikhokhelayo.
Ngemuva kokuvela kwezindaba zokudlula emhlabeni kukaVusi, uDamien ubhale ekhasini lakhe lika-Facebook ethulula ubuhlungu benhliziyo yakhe ngokuhlukana nomngani wakhe akhule naye. Laba bafunde ndawonye eCrawford College eGauteng.
“Uphumule ngokuthula mfowethu. Usheshile ukusishiya. Sengathi ungahlala nezingelosi phezulu. UMdali uyashesha ukubathatha abalungile. Kusukela sisafunda, kuze kube sishaya isibhakela ejimini kade uyindoda emadodeni. Kade unenhliziyo enhle.
“Ngiyabonga ngokuba umuntu okade unguye. Ngisathukile. Uphumule ngokuthula @Durandt’s Boxing &Fitness,” kubhale uDamien.
Obengumpetha we-International Boxing Organisation (IBO) featherweight, uLusanda “Mexican” Komanisi, naye uzwakalise ukukhala ngokushona kukaVusi.
UKomanisi ujime iminyaka ejimini yakwaDurandt ngesikhathi kusekhona uNick nokuyilapho ahlangane khona noVusi.
“Yizindaba ezibuhlungu zokuthi uVusi akasekho. Uyohlala uthandwa futhi ukhunjulwa njalo mngani wami,” kubhala uKomanisi.