IQEMBU AmaZulu FC selisheshe lacacisa ngezinhloso zalo ngomqeqeshi walo, uRomain Folz, ngokwelula inkontileka yakhe ngeminyaka emithathu ezomgcina kulo kuze kube nguJuni ka-2026.
Inkontileka kaFolz ojoyine leli qembu ngo-Okthoba nyakenye, ibizophela ngoJuni nonyaka emuva kancane kokuphela kwale sizini.
Nokho, umengameli waMaZulu, uSandile Zungu, ongathandabuzi ngokukholelwa kwakhe kulo mqeqeshi odabuka eFrance noteketiswa ngelika “Fohloza”, esitatimendeni asikhiphe ngokuhlwa kwangoLwesihlanu, unxuse abalandeli baleli qembu ukuba bameseke lo mqeqeshi nabadlali njengoba bezimisele ngokusa iqembu phambili.
“Sibone kubalulekile ukuthi sakhe siphinde siqinise uzinzo eqenjini ngokweseka umqeqeshi ngokuphelele,” kusho uZungu.
“UFohloza uyawuqonda futhi uyawuthakasela umbono wethu ka-2032 wokufinyelelisa leli qembu kwelenyoni.
Asigcini nje kuphela ngokukholwa ukuthi uzolihola ngempumelelo iqembu ekufezekiseni lo mbono, kodwa siyakholwa nokuthi ngaphansi kobuholi bakhe lizokwazi ukufeza umgomo walo wokuqeda isizini liphakathi kwamaqembu amane aphezulu kwi-log, lizibekisele indawo emqhudelwaneni weCaf.”
Emidlalweni engu-13 ngaphansi kukaFolz, Usuthu lusanqobe imidlalo emithathu, lwadlala ngokulingana eyisishiyagalombili, lwehlulwa kwemithathu.
Luzotholana phezulu neTS Galaxy emdlalweni weDStv Premiership, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngo-8 ebusuku.