KUBHEKWE iqembu lakuleli lesizwe lekhilikithi labesifazane ukuthi liqede iminjunju yeminyaka njengoba lizobanga isicoco se-ICC Women’s T20 World Cup eqala namuhla e-United Arab Emirates (UAE).
Selokhu iNingizimu Afrika yabuyiselwa emidlalweni yamazwe ngamazwe alikho iqembu lesizwe lekhilikithi eselake lanqoba iNdebe yoMhlaba.
Elabesifazane lafinyelela kowamanqamu kweyeT20 nyakenye, lanqotshwa yi-Australia, kwathi elabesilisa laguqiswa yi-India emqhudelwaneni ofanayo kowamanqamu nonyaka.
INdebe yoMhlaba yeT20 yabesifazane izobe idlalwa okwesishiyagalolunye selokhu yasungulwa ngo-2009, lapho yabanjelwa e-England.
Lo mqhudelwano oqala ngoLwesine, kwakuhlelwe ukuthi ubanjelwe eBangladesh, wagcina uthuthelwe e-UAE ngenxa yezinxushunxushu zombusazwe.
Indebe izobangwa amaqembu angu-10 azoqala emaqoqweni amabili ahlukene.
AmaProteas azoyibamba kuGroup B lapho eqhathwe neBangladesh, England, Scotland neWest Indies. Azovula neWest Indies ngoLwesihlanu ngo-12 emini.
KuGroup A kuzodudulana i-Australia, India, New Zealand, Pakistan, neSri Lanka.
Amaqembu amabili azoqhwakela eqoqweni ngalinye azodlulela kweyandulela eyamanqamu.
Selokhu iqembu lakuleli lafinyelela kowamanqamu eNdebeni yoMhlaba yeT20, selidlale uxhaxha lwemidlalo yeT20 lapho lithole khona imiphumela exubile.
Lisanda kudlala emibili yokungcweka lapho linqotshwe khona yiNew Zealand ngamawikhethi ayisishiyagalombili, ne-India ngama-run angu-28.
Liqeqeshwa uDillon du Preez, owaqokwa njengebamba ngoMeyi, kulandela ukushiya kukaHilton Moreeng owayeneminyaka ephethe izintambo.
Ukaputeni uLaura Wolvaardt, uTazmin Brits, Marizanne Kapp, Nonkululeko Mlaba, Ayabonga Khaka ngabanye babadlali bamaProteas abenza kahle eNdebeni yoMhlaba yeT20 nyakenye, okubhekwe ukuthi baphinde bagqame kulo mqhudelwano.
Iqembu elizodla umhlanganiso lizokhala lemuke no-2.34 million USD (R40.6 million), elizolala isibili lizothola u-1.17 million USD (R20.34 million) bese azokhishwa kweyandulela owamanqamu ethola u-675 000 USD (R11.73 million) ngalinye.
Amaqembu azolala isithathu nesine emaqoqweni awo azohlomula ngo-270 000 USD (R4.7 million) ngalinye, azoqeda emsileni athole u-135 000 USD (R2.35 million) ngalinye.
Iqembu lamaProteas esifazane elizodlala eNdebeni yoMhlaba: Laura Wolvaardt (ukaputeni), Ayanda Hlubi, Sinalo Jafta, Marizanne Kapp, Ayabonga Khaka, Suné Luus, Nonkululeko Mlaba, Seshnie Naidu, Tumi Sekhukhune, Anneke Bosch, Tazmin Brits, Nadine de Klerk, Annerie Dercksen, Mieke de Ridder noChloé Tryon.
Imidlalo yokuvula i-ICC Women’s T20 World Cup
Namuhla: 12pm - Bangladesh v Scotland, 4pm - Pakistan v Sri Lanka
Kusasa: 12pm - South Africa v West Indies, 4pm - India v New Zealand
NgoMgqibelo: 12pm - Australia v Sri Lanka, 4pm - Bangladesh v England
NgeSonto: 12pm - India v Pakistan, 4pm - West Indies v Scotland