LIZIBEKELE umgomo wyokuyinqoba yomibili imidlalo esele yamaqoqo eNdebeni yoMhlaba iqembu lakuleli lesizwe labesifazane lekhilikithi.
AmaProteas abewuqale kahle lo mqhudelwano ose-United Arab Emirates ngokuqumba phansi iWest Indies ngamawikhethi angu-10.
Zijikile nokho izinto emdlalweni wesibili ngesikhathi enqotshwa yi-England ngamawikhethi ayisikhombisa eSharjah Cricket Stadium ngoMsombuluko ebusuku.
Iqembu lakuleli libhethe kuqala lahlanganisa ama-run angu-124 kuma-over angu-20, sekuphume abadlali abayisithupha. i-England ifinyelele kuma-run angu-125 kwi-over yokugcina, isilahlekelwe amawikhethi amathathu.
“Sishode ngama-run angu-10 noma angu-20. Kusobala ukuthi asizange sibhethe ngendlela efanele. Ukuba sishaye ama-run angu-140, sawawisa amabhola obekufanele siwanqake, bekuzoba wumdlalo ohlukile,” kusho ukaputeni wamaProteas, uLaura Wolvaardt.
“Okubi kakhulu wukuthi amabhola amabili awiswe yimina. Emiqhudelwaneni enzima ngalolu hlobo iqembu elisebenzisa amathuba yilona elihamba ibanga elide. Kufanele siyifakele izibuko indaba yokumosha amathuba.
“Isidumazile indlela esihlulwe ngayo ngoba ziningi izinto ezilawulekayo ebesingazenza kangcono. Asihlulwanga ngoba bengcono kakhulu kunathi kodwa sizenzele phansi ngokuhluleka ukwenza izinto esijwayele ukuzenza kalula.”
I-England iqhwakele kuGroup B ngamaphuzu amane emidlalweni emibili. IWest Indies amaProteas neBangladesh bayalandela ngamabili iqembu ngalinye, bese kuthi i-Scotland ibe semsileni ngeqanda.
Iqembu lakuleli lizobhekana neScotland namuhla ngo-12 emini bese lisonga eyamaqoqo neBangladesh ngoMgqibelo ngo-4 ntambama.
Amaqembu amabili azoqhwakela kuleli qoqo azodlulela kweyandulela owamanqamu lapho ezoqhathwa khona nazophuma phambili kuGroup A.
“Sisazodlala imidlalo yamaqoqo emibili emqoka kakhulu. Uma singayinqoba sizoba sethubeni elihle lokudlulela kowandulela owamanqamu. Noma izibalo zingakacaci kahle kodwa siyazi ukuthi kufanele siyinqobe yomibili le midlalo elandelayo,” uqhube kanje uWolvaardt.
“Yilokho okufanele sigxile kukona njengamanje. Ukubheka emuva ngeke kusisize. Kumele sivuke sizithathe ngokushesha ngoba asinaso isikhathi esiningi sokulungiselela umdlalo olandelayo.”
Khonamanjalo, iqembu lakuleli labesilisa linqobe i-Ireland ochungechungeni lwe-One Day International obeluseSheikh Zayed Cricket Stadium, e-United Arab Emirates.
AmaProteas anqotshwe ngama-run angu-69 emdlalweni wokugcina ngoMsombuluko ebusuku kodwa alunqobe ngo 2-1 uchungechunge kwazise abeyiqumbe phansi i-Ireland emidlalweni emibili yokuvula.
Iqembu lakuleli labesilisa selizodlala uchungechunge lwemidlalo emibili yeTest neBangladesh oluzoqala ngo-Okthoba 21.