URENEILWE “Yeye” Letsholonyane, owayeyinjini yeBafana Bafana, udalule ukuthi abadlali beqembu lesizwe bayazi ukuthi kukhona ukungenami ngaleli qembu kubantu baseNingizimu Afrika.
IBafana idlulele ku-Last 16 we-Africa Cup of Nations emuva kokuqeda endaweni yesibili kuGroup E. Emdlalweni wokugcina ibambane neTunisia, yathola iphuzu elimqoka. Emzuliswaneni olandelayo isizobhekana neMorocco eStade de San Pedro, e-Ivory Coast, ngoLwesibili ngo-10 ebusuku. Nakuba kujabulise abantu okwenziwe yiBafana kodwa kukhona abayigxekayo ngenxa yokudlala ibhola elingabathokozisi. Kungenzeka ukuthi okunye kudalwa yiminyaka yokungenzi kahle kweqembu lesizwe okuyinto elahlise ithemba kwabaningi.
ULetsholonyane, odlalele imidlalo engu-50 kwiBafana, uthe abadlali beqembu lesizwe bayazi ukuthi leli qembu alithandwa.
“Uma uwazi ukuthi awudingeki njengengane, uyawuzwa umuzwa futhi ngeke ukuthathe kahle lokho. Ngakho iBafana Bafana iyazi ukuthi kukhona umoya ongemuhle obhekiswe kuyona. Kodwa futhi yinto eyadalwa yizizukulwane ezedlule, thina nabanye. Ngebhadi sekuyisikhathi sabo sokulungisa izinto. Sekufanele bazame ukubuyisa ukuthenjwa ngabantu. Kufanele bazame ukuwina imidlalo, baqhubeke bafinyelele kowandulela owamanqamu we-Afcon. Ngalokho ubuyisa ukwethenjwa ngabantu baseNingizimu Afrika, siqhubeke kanjalo,” kusho uLetsholonyane owadlala koweNdebe yoMhlaba ngo-2010.
“Uthandwa ngenxa yento oyenzayo enkundleni. Abantu baseNingizimu Afrika bayalithanda ibhola. Ngeke bayizibe iBafana Bafana. Kungenxa yempilo engahambi kahle yabantu baseNingizimu Afrika, yikho kunokungayenameli iBafana. Kodwa yinto engalungiseka. Abazinikele ngakho konke enkundleni, bafake izinhliziyo, bazame ukuwina imidlalo ngoba kuleliya zinga yilapho imiphumela idingeka khona.”
ULetsholonyane ngomunye wabebengabadlali bebhola asebengene emkhakheni wokuqeqesha. Upheka iqembu laMaZulu leDstv Diski Challenge ngokubambisana no-Andile Cele owayedlalela i-Orlando Pirates. Ngenyanga edlule uphothule iziqu zokuqeqesha iCaf A License eBotswana.
“Kubalulekile ukuba neziqu ezifanele uma ungumqeqeshi ngoba wumsebenzi ofana neminye lapho odinga khona ama-Degree, amaDiploma nezitifiketi. Ngicabanga ukuthi kufanele siqale ukuwuphatha kanjalo umsebenzi wokuqeqesha. Yingakho ngibone kufanele futhi kubalulekile ukuthi ngizikhandle, ngiyeke ukunethezeka nokuqeqesha ngoba nakhu ngilidlalile ibhola. Bengidinga ukufunda ezinye izinto ebengingazazi ngesikhathi ngisadlala. Ukuyokwenza lezi zitifiketi namaDiploma kungisize kakhulu,” kusho uLetsholonyane.