UKUHLAKAZWA kwebhodi leNSFAS ebelehlulwa wumsebenzi, akufanele kube yinto eyenzeka yedlule kanjalo nje. Kufanele uhulumeni azibuze imibuzo ngokusebenza kwamabhodi ezinkampani zakhe.
UDkt Blade Nzimande, uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, usanda kumemezela ukuthi uhlakaze ibhodi leNSFAS, ekhala ngokuthi lehlulwe wumsebenzi. I-NSFAS ingaphansi kweso lomnyango kaNzimande futhi kulindelekile ukuthi anyakaze uma esola ukuthi akuhambi kahle.
Amalungu ebhodi axoshwa nje, obengusihlalo uMnuz Ernest Khosa ubesevele esulile esikhundleni sakhe. Wesula nje, uke waba sematheni ngezinsolo ezinzima. Ngaphambi kwalokho obeyisikhulu esiphezulu uMnuz Andile Nongogo, waxoshwa emuva kokusolwa ngokungahambisi kahle.
Kwayena uNzimande lona ohlakaze ibhodi, uke wasoleka ngenkohlakalo kukhalwa ngokuthi kukhona imali abebuye ayiphambukise. UNzimande uyaziphika zonke izinsolo uthi futhi akayi ndawo, ngeke esule esikhundleni ngenxa yomsindo.
Izinhlaka ezehlukene zimncomile uNzimande ngalokhu zithi udodile ngoba uzwe isikhalo sezitshudeni ezithwele kanzima ngenxa yeNSFAS.
Izinhlangano zezitshudeni azikufihlanga ukuthi liphume nobovu futhi izitshudeni zitshakudulisa okwamathole ebona onina njengoba kuhlakazwe ibhodi leNSFAS.
UNzimande uwachithe wonke amalungu ebhodi wase efaka iNSFAS ngaphansi komlawuli, lokhu kuchaza ukuthi isimo sibi impela.
Into okufanele icutshungulwe kabanzi wukuthi kudalwa yini ukuthi amabhodi ezinkampani zombuso abenezinkinga? Akuqali ngeNSFAS ukuba nezinkinga kodwa zibhokile izinsolo ngezinkampani zombuso futhi yinto endala.
Inkampani yezindiza kuleli iSAA, ibe sematheni isikhathi eside ibhedelwa yizinto, namanje isimo asikabi sihle nakhona kukhalwa ngebhodi. Udaba lwebhodi leSAA lwakhulunywa kakhulu ngesikhathi kuhlezi ikhomishini eyayiphenya ukulawulwa kombuso yidlanzana.
IPrasa ingenye yezinkampani kahulumeni eke yaba nezinkinga ezifanayo kukhalwa ngebhodi layo. Nayo iPrasa yavela phambi kwekhomishini lapho yayiphenywa futhi kusolwa ibhodi ngokungahambisi kahle izinto.
IDenel ibibhekene nenkinga efanayo nakhona kukhalwa ngamalungu ebhodi, kuthiwa ayebuye angahambisi izinto ngendlela.
IPosi libhekene nezinkinga zezimali nakhona bekukhonjwa ibhodi lakhona ngokuthi alizihambisi kahle izinto.
I-Eskom ihlaselwe yizinkinga namanje futhi udaba lwebhodi layo lukhulunywe kakhulu nayo le nkampani yakhonjwa kakhulu ngesikhathi kuhleli ikhomishini eyayiphenya ngokulawulwa kombuso yidlanzana.
NaseTransnet wutwayi olufanayo nakhona, balwenwaya luvumbuke kanti kunenkombankombane nakhona kukhalwa ngebhodi. Zonke lezi zinkampani zisolwa ngokuba yizizinda zenkohlakalo yamathenda nokuyinto ebuyela kukho ukungasebenzi kahle kwamabhodi.
Izinkampani zikahulumeni zihlala zitakulwa ngokunikezwa imali njalo nje uma sezicwile ezikweletwini futhi zingasakwazi ukusebenza kahle. Kwesinye isikhathi kuze kudilizwe nabasebenzi.
Aqokwa kanjani amabhodi ezinkampani zombuso ?
Izinkampani zombuso zingaphansi kweminyango kahulumeni eyelusa ukusebenza kwazo. Ungqongqoshe unamandla okuqoka, nokudiliza ibhodi futhi lokhu ukudingida nekhabhinethi kube yiyona ephasisayo.
Kuyaziwa kodwa ukuthi inhlangano ebusayo ivamile ukuba nezwi ekuqokweni kwabantu ngoba yazivumela yona ukuthi iyawubeka umbono, iphakamise namagama abantu ebathembayo.
Ibhodi uma seliqokiwe liba nomsebenzi wokwelusa ukusebenza kwenkampani liqashe isikhulu esiphezulu kube yisona esiphatha ukusebenza kwansuku zonke. Kuvamile ukuthi uma kunezinkinga kube wukuthi indaba inebhodi nesikhulu esiphezulu, abasuke behlulekile.
I-DA ithi iyezwa ngesinqumo sokuhlakaza ibhodi kodwa ayigculisekile futhi ibona ukuthi uNzimande kufanele alandele ibhodi naye asule ngoba wehlulwe wumsebenzi.
“Yonke le nyakanyaka idala olukhulu ungabazane ngokuphathwa kwezindaba zokuxhaswa kwezitshudeni ngemali. Ziningi izitshudeni ezisale dengwane zilambile. Bekungakuhle naye uNzimande abalandele bonke asule esikhundleni,’’ kusho iDA.
I-ActionSA ikhala esifanayo neDA ithi, akuhambe uNzimande ngoba empeleni nguyena owehlulwa wumsebenzi.
“Ukwesula kwebhodi akuchazi ukuthi seliphunyilile ekutheni liphendule ngezenzo zalo ngoba udaba lusaphenywa amaphoyisa. Siyanxusa nokuthi uNgqongqoshe uNzimande ahoxe esikhundleni,’’ kusho i-ActionSA.
I-SACP ebuye ibe yikhaya likaNzimande, ithe iyasemukela isinqumo sakhe sokuhlakaza ibhodi leNSFAS futhi ikubona njengesinyathelo esimqoka ekusombululeni izinkinga zezitshudeni.
Kufanele uhulumeni azinuke amakhwapha ngendlela okuqokwa ngayo amabhodi, nohlobo lwabantu abaqokwayo kanjalo nendlela abasebenza ngayo. Kufanele kubhekwe nokuthi yikuphi okungase kwenziwe ukuthuthukisa ukusebenza kwamabhodi.