ISIKHUNGO esibhekele ukuqubuka kwezifo eNingizimu Afrika, iNational Institute for Communicable Diseases (NICD)) sixwayisa abakhulelwe ukuthi baqaphele njengoba zinyukile izibalo zabaphethwe yiRubella kuleli.
I-Rubella yisifo esiyingozi ezinganeni nakwabadala, ikakhulukazi abakhulelwe njengoba uma okhulelwe esimthole esenezinyanga eziphansi esidlulisela enganeni.
Ingane yakhe iba sengcupheni yokushona, ukuphathwa yisifo senhliziyo noma izalwe inezingxenye zomzimba ezingasebenzi kahle. Kungenzeka ingane ibe yimpumputhe, noma ibe yisithulu.
Yisifo esicishe sifane nesimungumungwane njengoba esimphethe eba namaqhuqhuva, umkhuhlane, inhliziyo ecanuzelayo, umphimbo obuhlungu, ikhanda, amehlo abomvu, amafinyila nokuvuvuka emqaleni kuhle komuntu onozagiga.
Kuthiwa amaqhuqhuva aqala ebusweni nasemqaleni ngaphambi kokuthi agcwale umzimba wonke. Ngokujwayelekile amaqhuqhuva ahlala izinsuku ezinhlanu.
I-NICD ithe okwamanje lesi sifo sigcwele kakhulu eWestern Cape njengoba sitholwe eKhayelitsha, ezinganeni eziwu-19, ezineminyaka emihlanu kuya kweyisishiyagalolunye.
Iveze ukuthi iRubella ivamise ukuqubuka ngasekupheleni kukaSepthemba, yagcina ukwanda ngalolu hlobo ngaphambi kweCovid-19.
Kugqugquzelwe abanezimpawu zalesi sifo ukuthi basheshe baphuthume ezikhungweni zempilo eziseduze nabo, ukuze bathole usizo olufanele.