UNGQONGQOSHE weMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga, uveze ukuthi zingaphezu kuka-3 000 izikole ezithathwa njengezingabiyeliwe ngokuphelele kuleli.
UNkk Motshekga uthe kulo nyaka wezimali u-2023/2024, basezinhlelweni zokubiyela ngendlela izikole ezingu-500.
Ukusho lokhu ephendula umbuzo welungu le-DA ePhalamende uNkk Anna Maria Van Zyl, obuze ukuthi zingaki izikole ezibiyiwe, ezingabiyeliwe, kanjalo nezingabiyiwe ngokuphelele.
UNkk Motshekga uthe azikho izikole ezingabiyiwe.
“Asinaso isikole ongathi asibiyiwe nhlobo. Ezikhona ilezo othola ukuthi azibiyiwe ngendlela, ezingu-3 093. Kulezi eziningi zazo zise-Eastern Cape njengoba zingu-1 065, kulandele iKwaZulu-Natal ngezingu-556 neMpumalanga ngezingu-523. IWestern Cape yisona sifundazwe esingenaso isikole esingabiyeliwe ngokuphelele, eGauteng zimbili kuphela izikole ezingabiyeliwe ngokuphelele,” kusho uNkk Motshekga.
Uthe uma bethi isikole asibiyeliwe ngokuphelele basho ukuthi ucingo noma okubiywe ngakho ubude bakho abuwona u-1.8 wamamitha obekwe emigomeni yomnyango yokubiyelwa kwezikole.
Uveze ukuthi izizathu ezenza lokhu ngukuthi kunezinselelo zesabelo mali zokuphucula ingqalasizinda kulezi zikole.
“Sihlale sikhala ngenkinga yesabelomali somnyango. Yisona esenza ukuthi singakwazi ukuphucula yonke ingqalasizisinda ngesikhathi esifisa ngaso, kusho uNkk Motshekga.
Uthe izikole ezingu-19 504 zibiywe ngendlela egculisayo ezikoleni ezingu-22 597 ezikhona.
Kwezinye izikole kuhlale kukhalwa ngopotsho nezintuba zokungena ocingweni okubiywe ngalo okwenza kwesinye isikhathi kungene izigebengu zizogcweleza noma zizobamba inkunzi.
NoMqondisi jikelele womnyango uMnuz Mathanzima Mweli, uhlale ekhala ngesabelomali seminyango yezemfundo ezifundazweni ezehlukene, athi sinqinda ukusebenza kwayo.
Okunye akhala ngako ngukuthi eminye yale minyango ukube iyizinkampani ezizimele ngabe isiwe bhu phansi ngenxa yesabelo esincishiswa njalo.