UBEKWE icala lokuzama ukubulala umshayeli wetekisi obegudluza sakushayisa iphoyisa lomgwaqo ebelimbhalela ithikithi.
Lesi gameko senzeke ngoMsombuluko ngo-10.20 ekuseni emgwaqweni u-Old Main, eHillcrest eduze kwenxanxathela yezitolo, iChristians Village.
Kusolakala ukuthi lo mshayeli oneminyaka engu-29, ubeshayela budedengu edala isinyokotho emgwaqweni kanti uzomiswa yiphoyisa likaMasipala weTheku.
Kwi-video iphoyisa libonakala limi phambi kwetekisi ngasohlangothini lomgibeli libhala imininingwane ye-disc yetekisi.
Umshayeli uloku eligudluza ngetekisi iphoyisa. Iphoyisa libhala lize liqede liphushwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, uLieutenantColonel Nqobile Gwala, uthe iphoyisa limise umshayeli lambhala ithikithi kanti uzozama ukulishayisa ngetekisi.
“Umshayeli wetekisi ubalekile endaweni yesehlakalo kodwa ekuhambeni kwesikhathi waboshwa wase ebekwa icala lokuzama ukubulala,” kusho uLt Col Gwala.
Bekulindeleke ukuthi umsolwa avele enkantolo yeMantshi yasePinetown izolo.
Okhulumela amaphoyisa kaMasipala weTheku, uSuperintendent Boyzie Zungu ubonge usoseshini wamatekisi KwaNyuswa athe uqhube lo mshayeli wahanjiswa esiteshini samaphoyisa lapho efike wavalelwa khona.
UZungu usigxekile isenzo salo mshayeli wathi uma kwenzeka elahlwa yicala, uyophucwa ilungelo lokuba neProfessional Driving Permit (PrDP) angaphinde ashayele itekisi.
“Umshayeli ukhombise indelelo nokungawuhloniphi umthetho. Uma likumisa iphoyisa uma nse, uma ungakwenzi lokho usuke uzibeka engcupheni yokuboshwa,” kusho uZungu.
Umphathi wehhovisi leSantaco KwaZulu-Natal, uMnuz Sfiso Shangase usigxekile isenzo salo mshayeli wathi beyimboni kabahambisani naso.
UShangase uthe bagqugquzela ukuhlonishwa komthetho ngaso sonke isikhathi ngoba akekho umuntu ongaphezu kwawo.
“Bekumele ame nse umshayeli ngesikhathi emiswa yiphoyisa angagolozeli ingalo yomthetho.
“Uma kuwukuthi ubenezikhalo, bekumele aye enkantolo afike aphonsele inselelo nanoma yini angayithandanga eyenziwe yiphoyisa,” kusho uShangase.
Uqhube wathi abakukhuthazi okwenziwe yilo mshayeli, futhi bazodedela ingalo yomthetho ithathe indawo yayo.