OBHEKENE namacala okuqotha abayisishiyagalolunye eMlaza ngo-Agasti 11, 2023, usola omunye wofakazi ngokuthi nguyena owadubula wabulala umfowabo esigamekweni esenzeka ngoMashi 26.
NgoLwesine, eNkantolo eNkulu yaseThekwini, ummangalelwa uSphamandla Dlomo (25) ngomlomo wommeli wakhe, u-Advocate Masibonge Mathomane, utshele inkantolo ukuthi ufakazi kuleli cala, uMnuz Phiwayinkosi Sibisi, wadubula uMnuz Sakhile Ndlovu.
"Ikhasimende lami lizokutshela ukuthi uwena owadubula wabulala umfowabo, uSakhile Ndlovu. Waqeda lapho wase uthatha umazisi wakhe ummangalelwa wawuphuthumisa emaphoyiseni, wathi uwuthole eceleni kwesidumbu wenzela ukumninda ngecala,'' kuchaza u-Advocate Mathomane.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngoMsombuluko, uSibisi utshele inkantolo ukuthi umazisi kaDlomo wawuyisa emaphoyiseni emveni kokuba ethe wawuthola eduze kwezidumbu ezintathu zabasocongwa bephuma etavern ekwa-Q, eMlaza, ngoMashi 27 nyakenye.
Kuleso sigameko kwabulawa umfowabo kaDlomo ayekade ehilizisane naye ngayizolo kade bephuza uNdlovu. Bazalwa umama oyedwa behlukene ngobaba.
Abanye ababili ababulawa kuleso sigameko nguMndeni noDani Ndlebe.
USibisi waveza ukuthi ngoMashi 26, babephuza kanti kuzosuka uthuthuva phakathi kukaNdlovu noDlomo kubangwa ukuthi kukhona umuntu owafa lapho ababekade beye khona bobabili.
USibisi uhlonze lesi sigameko sangoMashi njengomnyombo wesigameko sango-Agasti. Uveze ukuthi uDlomo wahlasela kubo ngo-Agasti, ngoba ezofuna ngodli umazisi wakhe.
IJaji uSophia Steyn lithe makaziphendulele ufakazi kulokhu okushiwo ngummeli kokuthi wabulala umfowabo kammangalelwa.
"Kungamanga lokhu okushiwo ngummangalelwa ngegama lami. Angikaze ngimbulale mina umfowabo. Naye uyakwazi lokho. Uma ekwazi lokho, pho yini le eyadala ukuthi angayi emaphoyiseni ukuyongibika?'' kuziphendulela uSibisi.
UDlomo utheswe amacala okubulala okuhleliwe oMlungisi Zuma, Phakamani Sibusiso Dlamini, Maxwell Sibisi, Regional Bongimpilo Ngema, Thabani Ngcobo, Mhlengi Khathi, Ayabongwa Mbayise, Sifundo Sibusiso Dlamini noSifiso Cele.
Umshushisi izolo, uveze ukuthi bonke abasocongwa esigamekweni sango-Agasti badutshulwa ekhanda nasentanyeni.
Nayizolo ummangalelwa ubematasa eqobela phansi bonke ubufakazi obebuthulwa enkantolo.
Icala lizobuyela enkantolo ngoMsombuluko.