KUBOSHWE owokufika eziNdlini zoMbuso ePitoli wabekwa icala lokukhwabanisa nelokuba kuleli ngokungemthetho.
Kuthiwa umsolwa ugqunywe ezitokisini emuva kokuthi eboshwe ngoMsombuluko.
Kubikwa ukuthi amaphoyisa athole ukuthi umsolwa uzame ukusebenzisa umazisi womuntu osewashona ukuze anikezwe imvume yokuthamela umcimbi wokugcotshwa kukamengameli.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Athlenda Mathe, uthe akuwathathanga isikhathi esingakanani amaphoyisa athola ukuthi umsolwa “uthatha amashansi.”
Ïsigameko senzeke ngoMsombuluko lapho bekulandwa khona izimvume zokuthamela lo mcimbi. Kutholakele ukuthi usebenzisa umazisi womuntu osewashona, wakhalelwa amasongo kaSigonyela,” kusho uBrig Mathe.
Uthe ziqinisiwe ezokuphepha kulo mcimbi futhi amaphoyisa atshalwe zinkalo zonke. UBrig Mathe uthe amaphoyisa ngeke azibekezelele izigameko zokuphulwa komthetho nobugebengu.
Kwesinye isigameko kuboshwe owokufika odabuka eLesotho oneminyaka engu-21 obhadanywe namadayimane angasikiwe eKleinsee, eNorthern Cape, ngoLwesibili.
Okhulumela amaphoyisa kulesiya sifundazwe, uSergeant Timothy Sam, uthe ithimba lamaphoyisa belinesivimbamgwaqo, liqaphe ubugebengu ngaphansi kohlelo, i-Operation Vala Umgodi.
Lapha uthi bebemisa izimoto bezisesha nokuyilapho umsolwa etholakale khona namadayimane.
“Uhlulekile ukunikeza impendulo eqondile ukuthi uwathathe kuphi amadayimane nokuthi ziphi izincwadi ezimgunyaza ukuba seNingizimu Afrika. Ube esekhalelwa amasongo kaSigonyela, kulindeleke avele enkantolo maduze,” kusho uSam.