UMNDENI wowesifazane waseMthwalume, ufuna abolele ejele uyise wezingane okuthiwa umshaye ngomphini wegeja isikhathi eside, waphinde wamgqema ngesando ngeSonto.
Isigameko kuthiwa senzeke eMahlongwa, ngaseMzinto, lapho umufi, uNksz Hlengiwe Dlamini, ebeseneminyaka ehlala khona nomsolwa nezingane zabo ezine.
Ilungu lomndeni kamufi, uNksz Mbali Gambushe, lithe bathole ukuthi umsolwa wenze lesi sigameko phambi kwezingane.
“Eqala ukumshaya ngomphini wegeja, bekukhona izingane zabo. Uthe lapho esezomshaya khona ngesando, wazithuma ukuthi ziye esitolo, wasala wamqedela,” kusho uNksz Gambushe.
Uthe bathole ukuthi kuthe sezibuya esitolo izingane, umsolwa wazithuma kumfowabo, wathi azihambe ziyosho ukuthi unina akasanyakazi.
“Ufike eshesha umfowabo, wafike wamthinta umufi kodwa waqaphela ukuthi usethule,” kusho yena.
Uthe umfowabo uphume sengathi uyabuya kanti useyolanda amaphoyisa, wathi umsolwa uphinde wathumela izingane komunye umakhelwane ethi aziyoshona khona ukuthi ubona engasanyakazi umufi.
“Kuthiwa bamphendule ngelithi okusho ukuthi umbulele ngoba bambonile emshaya isikhathi eside,” kubeka uNksz Gambushe.
UNksz Gambushe uthe bafuna abolele ejele ngoba bese kunesikhathi emhlukumeza ngokumshaya umufi aphinde asabise ngokumbulala.
“Umufi ubeze abuye eze ekhaya izikhathi eziningi ngoba ebalekela ukuhlukunyezwa wumsolwa kodwa aphinde amlande. Njengoba esegcine esembulele, sifuna umthetho udlale indima yawo,” kwenaba uNksz Gambushe.
Isishoshovu samalungelo abantu besifazane nezingane endaweni, uNksz Hlengiwe Gambushe, sithe kuyashaqisa ukwenzeka kwezigameko ezifuze lezi ngesikhathi kuyizinsuku zomkhankaso wezinsuku ezingu-16zokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane ezweni.
“Kukhombisa ngokusobala ukuthi kusadinga sibhukule emphakathini silwe nalesi sihlava ngoba kusobala ukuthi akukenziwa lutho ukulwa naso,” kusho yena.
Amaphoyisa agcine engakaphenduli ngokuboshwa kukamsolwa kulolu daba.