UVELE phambi kwenkantolo yeMantshi yase-Dannhauser wakhishwa ngebheyili owesilisa osolwa ngokusenga ezimithiyo, ethi uyinkosi yaseSwatini.
UMnuz Gcina Bethuel Nkosi ubezibiza ngenkosi uMenziwa wesi-11, esebenzisa amafulegi aseSwatini emibhalweni yize ezinze esifundeni eMajuba, KwaZulu-Natal.
Ngokwesitatimende esikhishwe wuMnyango wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba Zomdabu KwaZulu-Natal (Cogta), uMphathiswa uMfundisi Thulasizwe Buthelezi ukushayele izandla ukuboshwa kukaNkosi.
"Ungqongqoshe ukholelwa ukuthi ukuboshwa kukamsolwa kuthumela umyalezo ocacile nakwabanye abangaba amaqola ukuthi abomthetho ngeke bababekezelele abantu abazama ukukhohlisa imiphakathi bethi bangamakhosi bebe bengesiwo," kusho isitatimende.
Sithe umphathiswa uncome amaphoyisa ngomsebenzi wawo wokuvikela aphinde aqikelele ukuthi umthetho uyalandelwa.
"Amaphoyisa enze umsebenzi oncomekayo ngokugcina umthetho nokuvikela isithunzi sezinhlaka zobuholi bomdabu. Lesi senzo siqinisekisa ukuzinikela kwabomthetho ukuvikela imiphakathi ezenzweni ezikhohlisayo," sisho kanje.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe uNkosi uboshwe ngoba wephule umthetho weSigaba 51 weKZN Traditional Leadership and Governance Act wango-2005.