OWESIFAZANE owashushumbisa umshana wakhe endodeni endala, ngenhloso yokuba izitike ngaye ngokocansi, uhluleke wancama ukuthi kuhoxiswe isigwebo seminyaka ewu-12, asigixabezwe yiNkantolo eNkulu eWestern Cape.
UZukiswa Bangi wahlelela umshana wakhe omncane umshado nendoda endala. Wakwenza lokho ngoba umshana wayeshiywe kuye emuva kokushona kukayise. Indoda abekipite nayo ibimdlwengula futhi imshaya umshana, imgqume kwayo ngaphandle kwentando yakhe.
Ngokwesinqumo seJaji uDerek Wille, uZukiswa ulahlwe yicala elilodwa lokushushumbisa ummangali ngenhloso yokumshadisa nendoda ebizitika ngaye ngokocansi ngenkani.
UZukiswa ubebhekene namacala amahlanu.
"Ummangalelwa odlulise icala wayeneminyaka engu-31 ngesikhathi kwenzeka icala kanti ummangali wayeneminyaka ewu-15 ngesikhathi uBangi enza icala kuye. Ubufakazi buthi ummangali wayeneminyaka ewu-15 ngesikhathi uyise eshona."
Ijaji lithe ummangalelwa wayegade ummangali ngoba wayehlala naye futhi engubabekazi wakhe. "Ummangali watshelwa ngummangalelwa ukuthi uzomganisela indoda endala ukuze abe wumfazi wayo. Ubufakazi bukhombisa ukuthi lo mshado ohleliwe wawuphambene nentando kammangali."
IJaji lithe kuvela ukuthi ukukipita kukammangali nomyeni wakhe mbumbulu kwakungenzekanga njengezifiso zakhe.
"Yilowo mshado ohleliwe owenza ummangali wazithola esedlwengulwa, eshaywa kaningi futhi egqunywe ngumyeni ayenikezwe yena."
Yize uMbuso uphikisana nokuthi nguZukiswa owahlela umshado kodwa abukho ubufakazi obukhomba ukuthi ummangalelwa ukhombisa ukuzisola ngalokhu futhi akakhombisanga ukuthi uyabubona ububi becala.
Ijaji lithe ummangali wahlukumezeka emoyeni ngalokhu okwakwenzeka kuye selokhu eshiywe emhlabeni nguyise futhi waphucwa nethuba lokujabulela ubungane nokuqeda isikole.
Yize ummangalelwa eveze esicelweni sakhe ukuthi ugada izingane zakhe ezincane kodwa kutholakale ukuthi izingane zigadwa ngudadewabo nomyeni wakhe, okunguye owondlayo.
Ijaji lithe ukubuyiselwa kommangalelwa ezinganeni zakhe emuva kokulahlwa yicala lokushushumbisa intombazane esencane ngenhloso yokuba kuzitikwe ngaye ngocansi kuzoba nomthelela omubi ezinganeni. Ngenxa yalokho ijaji lithe aliboni isidingo sokuguqula isigwebo senkantolo yemantshi.