ZIKHETHWE ngo"elethu" izimeya ezintsha zemikhandlu yaKwaZulu-Natal yize bekunokwesabela ukuthi kungase kuphonselwe inselelo ukuqokwa kwazo.
Imeya yaseNkandla uMnuz Thami Ntuli, eyasebaQulusini, uMnuz Mncedisi Maphisa kanye neyaseBig 5 Hlabisa, uMnuz Comfort Khumalo, bonke bakhethwe bengaphikiswanga muntu emihlanganweni yemikhandlu ebihleli izolo.
Lena bekuyimihlangano yokuqala yemikhandlu yokukhetha izimeya ezintsha ebanjwe ngempumelelo selokhu kwadlula ukhetho lohulumeni basekhaya.
Yonke lemikhandlu iphethwe i-IFP.
Bekungekho ukungabaza ukuthi i-IFP izoyiphatha emibili yalemikhandlu okuyiNkandla kanye neBig 5 Hlabisa, njengoba yanqoba ngamalengiso kulemikhandlu.
Lapho ebekunongabazane khona isebaQulusini njengoba lenhlangano ingazange ithole amavoti anele ukuba iphathe lomasipala ngokuzimela.
Lenhlangano inesivumelwano ne-ANC sokuphathwa kwalabomasipala okungekho iqembu elinqobe ngamalengiso.
Ngokwesivumelwano sabo, iqembu elithole izihlalo eziningi ilo elizodedelwa ukuba liphathe loyo mkhandlu yize amavoti angenele ukuba liphathe ngokuzimela.
Kube nesididi ngaphambi kokuthi kukhethwe imeya, i-ANC yacela ukuba nenguyazana yemizuzu engu-20.
Lesicelo sichithiwe njengoba umthetho ungawavumeli amaqembu ezepolitiki ukuba acele inguyazane kusaqhubeka uhlelo lokukhethwa kwemeya.
I-EFF izame ukuphakamisa elinye igama ukuba lingenele umbango wesihlalo sobumeya, kepha lesiphakamiso sibhuntshile ngenxa yokuthi akekho umuntu osisekelile.
Ube esekhethwa ngo"elethu" uMaphisa.
EBig 5 Hlabisa nakhona isimo besimazonzo.
Yize uKhumalo engazange aphonselwe inselelo, kepha kunamahlebezi okuthi i-ANC ihlela ukushaya emva kwendlebe i-IFP kulesifunda.
Kulo mcimbi kugqame ukungazwani kwamalungu amaqembu akulomkhandlu.
Kuthiwa i-ANC ngenxa inxenxa i- EFF neDA ukuthi isebenzisane nayo ukuze wonke lamaqembu aketule i- IFP kulesi sifunda.
Umthombo weSolezwe obuyingxenye yalo mcimbi utshele iphephandaba ukuthi amalungu e- IFP awaneme neze ngesenzo se- ANC efuna ukuyidla izithende.
"Sithuke kwaphela nasozwaneni sithola izindaba zokuthi i- ANC imatasa nezinhlelo zokuketula i- IFP. Yindaba esiyithola khona lapha emhlanganweni ebesingazi sonke ngayo njengoba sesiyihosha kwasebenolwazi lwayo," kusho umthombo.
Eqhuba uthe ziningi izinto ezisazivela obala njengoba kunalo mdonsiswano phakathi lwalamaqembu.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Nhlakanipho Ntombela, utshele Isolezwe ukuthi abazi lutho ngalesivumelwano esiphakathi kwe-ANC ne-IFP.
Uthe bebesalinde umbiko obekufanele wethulelwe umhlangano wesigungu esiphezulu esifundazweni obuyizolo.