ZINGENELWE endlini ngabantu abangaziwa zashaywa ngoyaba lwezinhlamvu izithandani ebeziqashe KwaSanti, eMariannhill, ngoLwesibili ebusuku.
Kulesi sigameko kushone uNksz Yolanda Ngcobo (28) noyise wezingane zakhe ezimbili, uMnuz Sphelele Mqadi (33).
Kuthiwa kutholakale amagobolondo ezinhlamvu alinganiselwa ku-15 kanti nezithandani ziqinisekiswe njengezishonele endaweni yesigameko.
Kuvela nokuthi endlini okubulawelwe kuyona lezi zithandani kuphinde kwatholakala inqwaba yama-sim card namaselula okushaqwe ngamaphoyisa.
Lesi sigameko kuthiwa sishiye amalungu emindeni yabafi ethuthumela futhi enemibuzo engaphenduleki ngaso.
UNksz Ntombifuthi Ngcobo onguninakhulu kaNksz Ngcobo, uthe bafisa kwenzeke ubulungiswa ngokuthi amaphoyisa abafune abathole ababulali bomzukulu wakhe.
Ulandise wathi lezi zithandani zinezingane ezimbili eneminyaka engu-10 neneminyaka eyisithupha ebezihlala nababulewe.
“Ngenhlanhla ngesikhathi kwenzeka isigameko izingane bezinathi zisivakashele,’’ kuchaza uninakhulu kamufi.
Umfowabo kaMqadi, uMnuz Siyanda Mqadi, ohlala khona endaweni, echaza ngamafuphi uthe uthole ucingo emva kwemizuzwana isigameko senzekile.
“Sifike endaweni yesigameko sekuvele konakele. Esikuqaphelile wukuthi abasolwa badubule iwindi ngaphambi kokuthi bangene ngomnyango baqedele ukudubula,’’ kuchaza uMqadi.Ikhansela lendawo, uMnuz Bongani Ngubane, likhale ngobugebengu elithe budlangile bokubulawa kwabantu behlaselwa besezindlini.
UNgubane uveze ukuthi yize kukhona izinhlaka zomphakathi ezilwa nobugebengu kodwa isimo sibukeka sidlanga.
Kuthiwa abashonile bebengasebenzi yize bebephila impilo yokungakhombisi ukweswela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseMariannhill aphenya amacala amabili okubulala kulandela isigameko sokudutshulwa kwezithandani ezineminyaka engu-28 no-33.
“Zidutshulwe ngabantu abangaziwa ngoLwesibili. Badutshulwe kaningi kwesingenhla. Imbangela yokubulala ayikaziwa,” kusho uConst Ngcobo.