ZIZOPHINDE zivele ngoDisemba 29, eNkantolo yeMantshi yaseMpangeni izikhulu ezintathu zikamasipala owakhele Isimangaliso Wetlands Park, eMtubatuba.
Lokhu kuza emva kokuboshwa kwazo ngoDisemba 17, ngamacala ahlanganisa ubugebengu obuseqophelweni eliphezulu.
Phakathi kwamacala kukhona kuwo elokukhishwa kwethenda ngendlela engalungile, ukuwaka, inkohlakalo kanjalo nokweba. Kuthiwa ilinganiselwa kuR100 million imali eziyitholile.
Lezi zikhulu oNkk Nokuthula Lafuleni-Zungu oyimenenja yezokwakha, Mnuz Caiphus Khumalo ongumqondisi eSimangaliso Wetlands Park noMnuz Nkosinathi Victor Ntshangase ongumngani kaNkk Zungu.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Vish Naidoo, uthe uphenyo lwamaphoyisa luveze ukuthi phakathi kwalaba basolwa, kukhona ebebefuna ngodli imali kulabo ababethole amathenda okwenza umsebenzi ngaphansi kwalo masipala.
“Kuphinde kwavela ukuthi imali ebikhokhwa yilezi zinkampani, ibikhokhwa emabhange ayamaniswa nalaba basolwa abathathu. Engxenyeni yokuqala yophenyo, iCold Case Unit isebenza neDirectorate for Public Prosecution KwaZulu-Natal, ithole uxhaxha lobugebengu obuhleliwe obuholele ekutheni kuboshwe laba abathathu,” kusho uNaidoo.
Uthe bavele eNkantolo yeMantshi yaseMpangeni ngoMsombuluko, icala lahlehliselwa uDisemba 29 ukuze bakwazi ukufaka izicelo zebheyili. Bazoqhubeka bahlale ezitokisini.
UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uGeneral Khehla Sitole, ukushayele izandla ukuboshwa kwabasolwa waphinde wancoma ukusebenza ngokuzikhandla kwamaphoyisa.