UFISA kwenzeke ubulungiswa umndeni womfundi kaGrade 1, oshayiswe yimoto ephuma esikoleni okusolakala ukuthi abebehamba ngayo bebephuzile, esigamekweni esenzeke eMakheni, eNdwedwe, ngoMsombuluko.
UThando Ngwane (6), obefunda eMakheni Primary, kuthiwa ubeqeda kuwela umgwaqo uP714 ephelezele abangani bakhe, ngesikhathi imoto ebihamba abesilisa ababili, okuthiwa beyigudla unqenqema lomgwaqo, yamshayisa washonela endaweni yesigameko. Kuvele ukuthi obeshayela imoto ungowasendaweni.
Kuthiwa baboshwe bebhace ngale moto ensimini yomoba eCottonlands, eVerulam, emva kokuthi ikhansela lendawo, uMnuz Mandla Ndlovu, ebajahe esizwa ngonogada beReaction Unit of South Africa (Rusa).
Uyise kaThando, uMnuz Sifiso Ngwane uthe lesi sigameko sibashiye nesilonda esingeke siphole.
“Sifisa kwenzeke ubulungiswa, bangayitholi ibheyili. Ubuhlungu esibuzwayo ngokwenzekile bukhulu kakhulu kodwa sibonga asiphezi ngomsebenzi owenziwe yikhansela nonogada beRusa ekutheni baboshwe ngoba bese bebalekile,” usho kanje.
Uthe ngesikhathi elungisa okuthile mayelana namalungiselelo okufihla indodakazi yakhe esiteshini samaphoyisa, abazali babasolwa bafikile bekhombisa ukushaqeka okukhulu njengoba imindeni yazana, bakhombisa ukuthi kababavuni abasolwa ngokwenzekile.
Ikhansela uNdlovu likhuluma neSolezwe, liveze ukuthi abasolwa bavele bawuhlupho endaweni, umphakathi bawuhlalise lubhojozi.
“Ngizohlanganisa umphakathi ukuthi mhla bevela enkantolo, uyofaka ingcindezi ukuthi bangayitholi ibheyili.
“Ngidlulisa amazwi enduduzo emndenini. Sizokwenza okusemandleni ukuthi siwulekelele njengoba ngesikhathi ngiwuvakashele ungitshele ukuthi abanalutho, lokhu kubehle ngenhla,” kusho uNdlovu.
Uthe ngesikhathi kwenzeke lesi sigameko, ngenhlanhla bekunomuntu oyedwa omdala ozibonele senzeka nokunguye onikeze umkhondo ngohlobo nombala wemoto ebihamba abasolwa.
Okhulumela onogada beRusa, uMnuz Prem Balram, uthe ngesikhathi abasolwa beboshwa, kutholakale ukuthi bebephuzile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso esiteshini samaphoyisa, eNdwedwe.