KUVELE kwesula isikhulu esiphezulu senkampani iTransnet, kusabatshazwa ukuhamba kwezinye izikhulu, ezesule kungazelele muntu. Isikhulu esiphezulu uNkk Siza Mzimela, sesule ngoLwesine, silandela uNksz Portia Derby, noMnuz Nkululeko Dlamini abebesanda kwesula.
UDlamini uthe esanda kwesula nje, wathushuka komunye umsebenzi enkampanini yezokuxhumana, iTelkom. I-Transnet ibe sematheni ngokuhanjelwa yizikhulu kuleli sonto.
Le nkampani engaphansi kukahulumeni ibingaphansi kwengcindezi futhi ihlaselwa yizinkinga nezinyunyana zingayinike thuba. ICosatu ibikhala ngokuthi uma indaba yeTransnet ingalungi ngokushesha, kuzoba nabantu abaphelelwa yimisebenzi.
Ike yaba sematheni ngezinsolo zenkohlakalo okuthiwa zidla lubi kanti zikhona izikhulu ebezivela phambi kwekhomishini ebiphenya ngokugwamandwa koMbuso. Kukhona nababeyizikhulu zaseTransnet ababoshiwe abahamba amacala. Kusolwa ukuthi yaba yinsimu lapho abakwaGupta ababeklabe khona, bezenzela emalini kahulumeni.