LUYASONDELO ukhekho lukazwelonke eNingizimu Afrika. Amaqembu amaningi epolitiki sekuyazwakala uma ekhuluma nabantu ukuthi aseqalile ukukhankasa.
Ngonyaka ozayo abantu bakuleli bazophinde bathole ingqayizivele yethuba lokuyokhetha iqembu abafuna ukuthi libahole kuleminyaka emihlanu elandelayo, nabakholelwa ukuthi yilona elingafeza izidingo zabo.
Yize emaningi amaqembu avumbukayo uma kuzokuba nokhetho kodwa iqiniso lithi, kunalawo futhi asuke ebhekwe ngabantu abaningi.
Iningi labantu liyazibuza ukuthi iliphi iqembu elizothatha ukhetho ngonyaka ka-2024.
Kunalabo abacabanga ukuthi ezingeni lesifundazwe KwaZulu Natal kungenzeka kuphathe iqembu elehlukile kunalelo elizobe liphethe kuzwelonke kumbe kuzophathwa ngokubambisana.
Kulawo abhekeke kakhulu okhethweni oluzayo abazibuza ngawo, singabala i-ANC, Inkatha, DA ne-EFF
Umbuzo omkhulu uthi iliphi iqembu elizowina phakathi kwawo.