UGWETSHWE kanzima owesilisa waseZakheni owaboshiswa ngumama wakhe ngemuva kokuba agonyuluka kuye ngokubulala umuntu ababemgebenga nabangani bakhe.
INkantolo yesiFunda eZakheni igwebe uSaneliso Tshabalala (23) noLungani Ngwenya (19) udilikajele neminyaka engu-25 umuntu ngamunye ngamacala okubulala, ukugqekeza ngenhloso yokubamba inkunzi nokubamba inkunzi kusetshenziswa isihluku kanye nokuthumba abakwenza ngoMashi 2023.
Ummangali uSiyabonga Makhaza nomufi uSithembe Mabizela babehlala emqashweni eZakheni, eMnambithi. Ekuseni ngoMashi 7, 2023, bavuswa wumsindo wokuphuka kwengilazi. Babona amadoda amane endlini yabo. Amadoda abashaya athatha nezimpahla zawo. Emva kwalokho uMakhaza noMabizela bathathwa bayiswa ebhulohweni eliseduze batshelwa ukuthi beqe.
Baphinde bashaywa lapho benqaba. UTshabalala wathi abagxume ngoba esaba ukuthi bazokwazi ukubakhomba uma kuvulwa icala. Yize uMakhaza agwazwa wakwazi ukubaleka kodwa uMabizela akakwazanga ukuphunyuka.
UMakhaza waya emizini eminingi eseduzane ukuze athole usizo wagcina efike esiteshini samaphoyisa. Ngesikhathi amaphoyisa eya endaweni yesehlo, athola isidumbu sikaMabizela. UTshabalala waboshwa sekuphele isonto ngemuva kokuvuma icala kunina, wabe esemnikela emaphoyiseni. UNgwenya waboshwa ngemuva kwalokho.
Ekwenzeni lesi sigwebo sibe nzima, uMshushisi uCwayita Ngcongo wethule isitatimende esibhalwe ugogo kaMabizela. Esitatimendeni sakhe, uthe uMabizela wayeyithemba lomndeni lempilo engcono. Washiya ikhaya wayohlala eZakheni ukuze ezokwazi ukufunda njengoba wayesenza unyaka wokugcina ezifundweni zakhe.