Ngicela ukuqala ngokuthi ngikucacise ukuthi angimelene nokubhenywa kwesinemfu ngoba naso siwugwayi ofanayo nabanye ogwayi.
Ngithi angikuchaze lokhu ngoba angifuni kwakheke isithombe sokuthi uVolos uloba ngokubhenywa kwesinemfu ema-salon ngenhloso yokuthi sivalwe, kuthiwe asikho emthethweni.
Baphathi nabasebenzi basema-salon ngibona sekufanele ukuthi libhotshozwe leli thumba eliwumkhuba wokusetshenziswa kwesinemfu ezindaweni zokwenza amakhanda.
Ngokuthi akukhulunywe ngodaba lwesinemfu, asichazi ukuthi azisetshenziswa izidakamizwa ezifana notshwala nogwayi ema-salon.
Kulabo abejwayele ukuyokwenza amakhanda khona bazongifakazela uma ngithi kuyinto eyejwayelekile ukuthi umuntu athi ekweluka ikhanda uzwe esekunukisela ngephunga likabhiya nogologo.
Kwesinye isikhathi umuntu athi ekugunda, uzwe kuqandula iphunga lomqombothi, uzwe ukuthi imambana ikugunda nje isiqale yaminya ijuba uma kungeyona imfulamfula.
Njengoba sengichazile ukuthi lezi dakamizwa sesazijwayela ukuthi abantu bayazisebenzisa kodwa lena yesinemfu iseyintsha futhi ayikejwayeleki kubantu abaningi.
Okwenza isinemfu sexwayeke wukuthi saziwa njengogwayi wogogo nomkhulu, kuyethusa ukusibona sesibhenywa nayizintokazi ezinhle ezisencane.
Bakwethu ngiyaphinda ngiyasho ukuthi ukubhema isinemfu akusilona icala kodwa kuyethusa uma sekunabasebenzi basema-salon abangakwazi ukweluka uma bengasitholile.
OkaVolos akaqambi amanga uma ethi kunabasebenzi basema-salon abehlulwa ngisho ukweluka lo mluko obizwa ngopelepele uma bengasihogelile isinemfu.
Ngake ngathi ngiyokwenza ama-dreads kwenye isalon ngahlala amahora amathathu ikhanda lingaqedwa.
Uma ngibuza lo dade owayengenza ikhanda ukuthi kungani ngilukwa ngonyawo lonwabu, waphendula wathi igazi lakhe libophekile udinga isinemfu ukuze angene egiyeni.
Ngathi ngisashaqekile wathi ucela ngimuphe imizuzwana ayobhema isinemfu sakhe, wabuya lapho esenomusa ecula, wangenza ikhanda laphela ngemizuzwana.
Baphathi nabasebenzi basema-salon asinawo amandla okuninqanda ukutheni nibheme izinto ezithile uma nizosenza amakhanda kodwa kufanele niqonde ukuthi akukuhle ukuthi kuqekethwe izindaba zesinemfu emakhanda abantu.
Kuyawephula umoya womuntu owenziwa ikhanda uma ezwa kunconywa ubukhali besinemfu aze akholwe wukuthi welukwa ngobuciko besinemfu.
Bakwethu angisho ukuthi ngithini kodwa ngithi bantu basema-salon kumele nifunde ukuthi kunezimfihlo okungafanele zaziwe amakhasimende.
Kuyadingeka ukuthi nizifundise ukuqoqa ulwimi ngoba kufikisela ngamahloni ukuthi umuntu ehamba nendoda yakhe ezokwenza ikhanda athole ukuthi sekukhulunywa wonke amawongwongo ezimfihlo zabantu besifazane angafanelwe ukulalelwa umuntu wesilisa.
Uthole ukuthi usuqedile ukwenza ikhanda kodwa usunenkinga yokuthi kufanele uchazele indoda ukuthi ingayinaki yonke le misangano ebikhulunywa e-salon.