UKUHLOLWA komgomo ovikela isifo sofuba kuleli sekuzongenela ezingeni lokuthi umgomo okubonakala sengathi ungasebenza uhlolwe ezilwaneni.
Kuleli umgomo weTB ogunyaziwe yiBacillus Calmette-Guerin (BCG) okugonywa ngayo izingane. Lo mgomo uvikela izingane ekutheni zingaguli kakhulu uma kwenzeka zihaqwa yisifo sofuba kanti ukuvikela kwawo akusivikeli ngokwenele isifo sofuba esihlasela amaphaphu.
Inhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO) ibeke umgomo wokuthi amazwe abambisane ukuze kuqedwe isifo sofuba emhlabeni ngo-2030. Kungalesi sizathu kuleli kusungulwe uhlelo lokuthi kuhlolwe eminye imigomo ezosiza ekulweni nalesi lesi sifo esibulala abantu abalinganiselwa ku1.6 million emhlabeni, u23 000 wabo okungabantu bakuleli. Lolu hlelo olwaziwa ngeSouth African Tuberculosis Vaccine Initiative (SATVI) lunezinhlelo eziningi zokuhlola imigomo eyehlukene engase isize.
Ucwaningo obelwenziwa yiNyuvesi yaseCape Town (UCT) ngomgomo othembisayo i-tuberculosis bacterium ohlolwayo ukuthi ungakwazi yini ukuvikela iTB enamandla kakhulu -iMycobacterium tuberculosis (M.TB), olushicicelwe emqingweni wezempilo i-Nature Medicine muva nje, lukhombise ithemba esigabeni sokuhlolwa kusetshenziswa ubuchwepheshe.
Kulolu ucwaningo, umgomo ohlolwayo owenziwe ngobuchwepheshe i-mRNA, ubusetshenziswe ngesikhathi kwakhiwa imigomo yeCovid-19 . Kuvele ukuthi igciwane lesifo sofuba iM.TB livamise ukwenza ama-protein angu-4000 ukuze likwazi ukukhula emzimbeni womuntu ngakho bekumele kwenziwe umgomo ozokwazi ukuba namandla okuvikela leli gciwane.
Kulolu cwaningo bekuthathwa amasampula oketshezi lwabantu abanalolu hlobo lwesifo sofuba luhlolwe ukuthi uma kungagonywa ngalo mgomo ayakheka yini amasosha angayivikela.
Ososayensi babone umehluko emasosheni ngesikhathi besebenzisa lobu buchwepheshe kanti manje sekufanele ukuthi lokhu ebebekuhlola eminyakeni emibili eyedlule bakuhlole ezilwaneni ukuze kubonakale ukuthi imiphumela yakhona izoveza okufanayo yini.
Isigaba sokuhlolwa kwalo mgomo ezilwaneni yisona esesizolandela.
Kuso kuzobambisana ithimba lososayensi elizobe liphuma eNyuvesi yaseWitwatersrand/SAMRC Antiviral Gene Therapy Research Unit kanye ne-Experimental Tuberculosis and Immunology Research Group yase-UCT.