LIGUQILE icala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa owayengunozinti we-orlando Pirates.
IJaji uTshifhiwa Maumela litshele abasolwa ukuthi icala liyaguqa kuze kube wumhla ka-14 Novemba kuwo lo nyaka. Umsolwa wesibili, uBongandi Sandiso Ntanzi kuphela ozobuyela enkantolo ngomhla ka-22 Septhemba lapho azofaka khona isicelo sebheyili.
UNtanzi odabuka KwaNongomo, akanawo umlando wobugebengu. Waboshwa esemsebenzini emayini iRoyal Bafokeng Platinum, eRustenburg.
Liguqa nje kuningi okushaqisayo okuvelile kuleli sonto enkantolo njengoba uTumelo Madlala owayengumngani kaMeyiwa futhi wayekhona endlini ngosuku lwesigameko, ethule ubufakazi bakhe.
UMadlala kwakumele aqale ngoMsombuluko ukuthula ubufakazi, kodwa akazange afike. Umshushisi woMbuso utshele inkantolo ukuthi ufakazi akakwazanga ukuthola indiza yingakho engafikanga enkantolo.
Okunye okuvele enkantolo kuleli sonto:
– UMadlala wakhokhelwa ngabeNetflix ngesikhathi kuqoshwa iqophamlando ngoSenzo Meyiwa.
– UMadlala ukhombe umsolwa wesibili (uBongani Sandiso Ntanzi) ukuthi wayekhona endlini futhi wuyena owayecindezelwe wuSenzo ngosuku lwesigameko.
– UMadlala uveze ukuthi uChicco Twala wabuza uKelly Khumalo ukuthi akafuni yini ukuya eholidini.
– Ummeli wabasolwa abane, u-Advocate TT Thobane utshele inkantolo ukuthi kunofakazi ozokwethula ubufakazi bokuthi uSenzo Meyiwa wayelala nodadewabo kaKelly, uZandie uma engekho uKelly.