UZOHLALA ngoDisemba umhlangano wokuqala ohlanganisa amaqembu abambisene kuhulumeni wakuleli, wokuhlelela ingxoxo ngesimo sezwe.
Lokhu kuvezwe yiPhini likaMengameli uMnuz Paul Mashatile, ngoLwesine eKapa ngesikhathi ehlangene nabaholi bamaqembu ayingxenye kahulumeni wokubambisana.
UMashatile uthe kuzoba nomhlangano oyisipesheli weKhabhinethi, ngelizayo ukubhunga ngendaba yomhlangano ngesimo sezwe.
“Umhlangano ngesimo sezwe ozobe uhlanganisa amaqembu abambisene kuhulumeni uzoba ngoDisemba 16 nonyaka. Kulo mhlangano sizobe silungiselela umhlangano ngesimo sezwe ozoba ngonyaka ozayo,” kusho uMashatile.
Uthe umhlangano wangoLwesine wabaholi abayingxenye kahulumeni bekungowokubhunga ngodaba oluthinta umthetho wezikole okunemvunge ngawo iBela.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa, wamisa ukuqala kokusebenza kwezigatshana ezimbili kulo mthetho, ngenxa yokuthi kusamele kuboniswane ngazo.
I-DA nezinye izinhlangano eziphikisa eyalo mthetho, zanxusa ukuthi kubhungwe ngalezi zigatshana, ngoba zingeneme ngazo.
Usihlalo womkhandlu iFederal kwi-DA uNkk Helen Zille, uye enkundleni i-X izolo, wakhala ngokuthi i-ANC, ithatha izinqumo ngaphandle kokuxhumana nabo.
Uthe i-ANC izithathela yona izinqumo emva kokuba uMashatile ekhulume ngomhlangano othinta ingxoxo ngesimo sezwe.
“Indaba yengxoxo ngesimo sezwe, kumele ihlanganise zonke izinhlaka ezibambisene kuhulumeni. I-ANC izithathela yona izinqumo yenza sengathi yawina ukhetho,” kusho uNkk Zille.
Kuzokhumbuleka ukuthi eyengxoxo ngesimo sezwe yamenyezelwa nguRamaphosa, emuva kwesiphakamiso sokuthi kumele kuxoxwe ngezinkinga zezwe.
Kule ngxoxo kuzobakhona zonke izinhlaka zomphakathi kanti kuzokhulunywa nganoma yini.
Kule ngxoxo bekukhona abamele amaqembu okubalwa owe-DA uMnuz Dean McPherson, uGeneral Bantu Holomisa we-UDM, Kenny Kunene we-PA, Magashule Gana weRise Mzansi, Corne Mulder weFF+, Brett Herron weGOOD, Ysuf Dalwai we-Al Jama-ah nokhulumela i-IFP uMnuz Mkhuleko Hlengwa.