UKUKHULA eyintandane nokuba yisigqila sokwelusa izinkomo, kwamenza waba nothando lwabantu oseyintandokazi yabaningi ezinkundleni zokuxhumana.
UNkk Thandeka Mzobe (40) waseKukhanyeni, ngaseMariannhill, oshade noMnuz Bongakwakhe Mzobe, usezakhele ugazi ngokuqopha ama-video kwiTik Tok eqhulula amahlaya, izinkulumo ezakhayo aphinde azivocavoce.
Lokhu kumenze waba nabalandeli abangaphezulu kuka-190 000 kanjalo nama-views angaphezu kuka-3.3 million. Ngokuqopha la ma-video wayefuna ukuthoba amanxeba kwabanezinhliziyo ezophayo njengeyakhe kulandela indlela akhula ngayo.
Uveze ukuthi washonelwa unina eneminyaka emibili, ngonyaka olandelayo kwashona uyise. Lokhu kwaphoqa ukuthi akhule elusa izinkomo, eshaywa kanzima nokuthe eseneminyaka ewu-13, waphendulwa isigqila emajalidini.
"Ngithole indlela yokuzelapha nokukhipha ukhwantalala ngoba uma ngingabheka emuva ngingazaca. Ngazitshela ukuthi ngifuna ukuba ukukhanya empilweni yabantu ngoba ngiyakwazi ukuhlala ngingaphathekile kahle emoyeni. Ukuthola umyeni onothando nongesekayo kungenze nganethezeka futhi uyangilekelela angishuthe," kusho uNkk Mzobe.
Laba abashadile asebeneminyaka bethandana neminyaka eyisikhombisa beshadile, babusiswe ngamadodana amabili namadodakazi amabili, kanti bayazifela ngenkonzo njengoba uMzobe ewumfundisi Ekuthuleni Church of Zion. UMzobe uthe zamangala izingane zabo beqala ukuduma kodwa ngenxa yokuba umndeni onothando ziyabaseka.
“Into engiyithanda ngositufuza wami unothando, uyangeseka nento uyayibhekisisa. Ungenza ngihlale ngijabule nezingane,” kusho uMzobe.
Okwamanje abasebenzi bobabili kodwa uMzobe ubamba itoho losuku olulodwa ngempelasonto bese uNkk Mzobe yena adayise ama-chips ukuze baxoshe ikati eziko.
Uthando abaluveza ezinkundleni zokuxhumana ngisho ekhaya uma ubavakashele yiso leso. UNkk Mzobe ubelokhu emnakekele njalo umyeni wakhe obematasa nokupenda emnyango. Ngisho bekhuluma babhekana emehlweni elokhu eqhulula amahlaya unkosikazi.
Isifiso sikaNkk Mzobe ukukhulisa isitolo sakhe, akwazi ukuba nendawo esesimweni esikahle sokusebenza, aphinde abe nesitokwe esanele.
Ephetha, uNkk Mzobe uthe uyazi ukuthi akugcinanga ngaye ukuba intandane kodwa uyafisa ukuthi bonke abafana naye babe isibonelo esihle nosizo kwabanye abantu. Yize engenalutho namanje kodwa uthe kuyamjabulisa ukuthi kukhona olala ehleka ngenxa yakhe.
“Ngivuka ngovivi ngidlalise abantu ngoba ngajwayela ngivuswa ngenduku. Manje sengivuka ngipheke ugalo ngijabule,” kusho uNkk Mzobe.
Ukubuyela esikoleni ngenye yezinto aqale ukuyenza nyakenye, kanti uphase u-level 5 njengoba agcina esikoleni samabanga aphansi ukufunda. Lesi sikole sesithuthele kude, sekuyaphoqa ahlabe ikhefu ngoba akanawo uR36 wokugibela ngosuku. Unethemba lokuthi isibonelelo sikaR350 uzogcina esitholile njengoba selokhu simi ndawonye isicelo sakhe.