UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, udonse ngendlebe abantu ukuthi baqaphele njengoba kulindeleke imvula enamandla ngoMsombuluko ntambama ezingxeyeni zesifundazwe.
UZikalala uthe uthole umbiko wezazi zesimo sezulu ukuthi izulu lizoba libi, kuzoba nemvula ena umlibe eHarry Gwala, uMgungundlovu, uThukela, Ilembe, eThekwini nasezingxenyeni zoMasipala uMzinyathi namuhla ntambama.
Ucele abantu ukuthi bahlale beqaphile, bangaweli amabhuloho nemifula.
Udonse ngendlebe abazali ukuthi baqinisekise ukuthi izingane zisebenzisa izindlela eziphephhile uma ziya noma sezibuya ezikoleni.
Uthe izazi zezulu zithe kuzoba nezikhukhula ezindaweni eziphansi, ikakhulukazi emijondolo kanjalo nasemabhulohweni aphansi.
Uveze ukuthi imvula ena umlibe izoba yinkinga nakubashayeli ngakho uyacela baqaphele uma besemgwaqweni.
Abathikanyezwa yimvula ucele ukuthi bathinte omasipala babo, amakhansela noma baye esikhungweni esilekelela abakhahlanyezwe yizinhlekelele esiseduze nabo.
Izindawo athe zizothikanyezwa yimvula ena umlibe yilezi ezilandelayo: Dkt Nkosazana Dlamini-Zuma, Underberg, eThekwini, Greater Kokstad, Impendle, Inkosi Langalibalele, Estcourt, KwaDukuza, Mandeni, Maphumulo, Mkhambathini, Mpofana, Giants Castle, Mooi River, Ndwedwe, Okhahlamba, Ray Nkonyeni, Richmond, Msunduzi, Ubuhlebezwe, Umdoni, uMlalazi, uMngeni, uMshwathi, Umuziwabantu, Umvoti, Umzimkhulu naseMzumbe.