UKUBA usaziwayo kuhambisana nodumo oluthola ezinkundleni zokuxhumana nesibalo sabalandeli onabo emakhasini akho.
Uma kukhulunywa ngezinkundla zokuxhumana, kudume ikhanda Zahara, ngemva kokuba kukhona ogweve namakhasi akhe ezokuxhumana.
Kubalwa iTwittter, Instagram, Facebook alikho nelilodwa ikhasi akwazi ukulilawula. Lo mculi uthi akakwazi nokubingelela abalandeli bakhe ezinkundleni ngoba uma efaka imininingwane yakhe, konke akwamukeleki. Kusolakala ukuthi kukhona abawasebenzisayo egameni lakhe, ngaphandle kwemvume yakhe.
Uma kwenzekile kwabonakala izithombe ezintsha, kuthiwa zisuke zifakwe abathile abasolwa ngokunqwaha namakhasi akhe. Lo mculi uthi ukungakwazi ukungena emakhasini akhe kwenza nokuthi angayitholi imisebenzi ethile.
"Uma kumele kufakwe izikhangiso kumele ngiqale ngiyocenga abenkampani engangisebenza nayo ukuthi bangifakele. Ngibathumelela ngoWhatsapp bafake ngesikhathi abathanda ngaso nokwenza impilo ibe nzima. Osaziwayo abaningi bathi noma benzelwa kodwa bayanikezwa imininingwano yokungena," kuchaza uZahara.
Usola inkampani ethile ngokunqwaha nalamakhasi. Yize engathandanga ukudalula igama lenkampani kodwa uthe uyafisa ukuthola inkululeko. UZahara uthe njengabo bonke abaculi abaqhubeka nempilo noma bengasaboni ngasolinye nezinkampani zomculo, ufisa ngelinye ilanga ukukhululwa emaketangweni.
“Mhlawumbe nani lapho ephephandabeni ningangisiza ngomuntu ongangitholela ama-password. Ngikulungele nokuqala phansi kodwa inkinga bayakwazi ukulandela konke engikwenzayo,” kukhalaza uZahara.