OKHULE kanzima ukhumbule izintandane, abafelokazi nabampofu amahhashi akhe ewina emincintiswaneni yamahhashi ehlukene.
UMnuz Nyanga Ndlangamandla ongumlimi nekhansela eDumbe, uthe amahhashi akhe amane abengenele imijaho yamahhashi kuyo okungowaseNkandla, owaseDundee nowaseKing Cetshwayo awine uR250 000 kulo nyaka.
Kule mali usebenzise uR70 000 wajabulisa umphakathi wangakubo odla imbuya ngothi ngomcimbi obekudliwa kuwo izinkomo ezimbili, muva nje.
UNdlangamandla uthe unamahhashi angu-10 angenela imijaho, mane awinile kuwo. Lama hhhashi okunguShenge athi uliqambe esusela esibongweni sikaMntwana waKwaPhindangene ngoba lithembekile njengaye, akwenzeki lingawini, uBaselona, uMthwal'zethule no-Asenali.
Uthe uqale ukungenela imijaho yamahhashi eyesekwa omasipala ngo-2008, ngaphambi kwalokho ubengenela imijaho yasemakhaya ebihlelwa abafuyi bamahhashia, obekuwinwa kuyo izingubo zokulala.
"Ngikhule kanzima ngikhuliswa usingamama. Ngiyazi ukuthi kunjani ukulala ungadlile, ukugqoka ihembe elilodwa amasonto amabili lingawashwa uya esikoleni. Lokho kuhlupheka mina kungenze ngazibamba zaqina, ngangayeki ukufunda. Ngifuna lolo gqozi ukulunika izingane ezikhuliswa ngabafelokazi neziyizintandane ukuze zazi ukuthi noma ukhule kanzima uyakwazi ukutabalasa uze uzimele nawe udonse abanye," kusho yena.
Uthe unemindeni emithathu kuyo okukhona ephethwe ngabafelokazi nephethwe izingane ayondlayo nyanga zonke. Kuyo kunezingane eziyisikhombisa ezifundayo azithengela umfaniswano nesinkwa zonke izinsuku.
"EDumbe miningi imindeni eswele, indlala ibhokile ngithe uma ngithola le mali ngase ngicabanga kuthi angibuyisele emphakathini. Abantu badle basuthe, ngingadli ngedwa," kusho uNdlangamandla.
Uthe ufisa ukuthi uhulumeni umsize umnike indawo yokulima angatshala kuyo ummbila ozogaywa ube impuphu ezonikezwa imizi eswele njalo ngenyanga.
Uthe amahhashi omjaho kuyabiza ukuwanakekela akufani namahhashi ajwayelekile okulanda izinkomo.
"Ngiwumfuyi ngiyakwazi ukunakekela imfuyo, kimi akuwona umthwalo ukuba nehhashi. Into eke ingithwalise kanzima ukuthi wona adinga ukunakekelwa ngokwehlukile ngoba awomjaho," kuchaza uNdlangamandla.