UWOTHA ubomvu umzali womfundi okuthiwa usinde ezama ukuzibulala esikoleni ngenxa kathisha okubikwa ukuthi usemphendule inhlekisa kwabanye abafundi afunda nabo. Kubikwa ukuthi umfundi (15) (esinalo igame lakhe) owenza u-grade 10 kwesinye izikole KwaNgcolosi ngoLwesine ugwinye imfumba yamaphilisi ezinhlungu kadadewabo omdala.
Usizwe ngabanye abafundi emagcekeni esikole, abamfice esewe phansi ephelelwe ngamandla, ngokusho kukamzali wakhe. (igama likamama siligodlile ukuvikela umfundi). Elandisa, uthe indodakazi yakhe iphuthunyiswe emtholampilo wendawo efike yathola kuwo usizo.
Odokotela kube yibo abathole isizathu esiholele ekutheni azame ukuzibulala umfundi, okuthiwa ukhala ngothisha wesiZulu.
Kubikwa ukuthi uthisha ubesizakala ngokwehluleka kwakhe umfundi ukufunda isifundo asifundisayo. Lo thisha kubikwa ukuthi sekuphele isikhathi eside ehlekisa ngaye, ngokwehluleka ukufunda incwadi yesiZulu ekilasini uma kumele afunde.
“Ngithole ucingo obelungazisa ngesimo esehlele indodakazi yami. Nangempela ngiphuthume emtholampilo ngafika ingani ixilongwa wudokotela. Okokuthi ubezama ukuzibulala, ngitshelwe wudokotela sengisemtholampilo. Ibe buhlungu kakhulu inhliziyo yami ngoba nginalo ulwazi ngokuhlukumezeka kwengane yami kulesi sikole,” kusho umzali.
Uqhube ngokuthi into emcasula kakhulu wukuthi useke wazama ukuyidingida nothishanhloko inkinga yengane yakhe ebilokhu ikhale ngothisha wesiZulu. Uthe uthishomkhulu akakaze akhombise ukuzwelana nengane yakhe phezu kokuba eseke wamazisa ngalolu daba.
“Sengize ngisole ukuthi uthisha ohlukumeza ingane yami uyiphilisa kanzima ngoba sesahlukana (naye). Ngisola ukuthi sahlukana naye lo thisha eminyakeni emihlanu yena engakathandi sehlukane,” kusho unina womfundi.
Uthe useze wathatha isinqumo sokuyiyekisa indodakazi yakhe esikoleni. Uthe akazimisele ukuthi indodakazi yakhe ihlale unyaka wonke ekhaya ingafundi kodwa ulinde usizo loMnyango wezeMfundo akholwa ukuthi yiwo ongase umkhiphe otakwini akulo.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe udaba sebeluzwile. Ngilinde imininingwane kumzali ukuze ngizoxhumana nomhloli. Okungekuhle wukuthi inkinga isuke ekuthandaneni komzali nothisha. Laba kumele balungise inkinga yabo,”kusho uMahlambi.
Uthe uthisha uzoqondiswa ubugwegwe ngesenzo sakhe.