BAYINKUKHU nempaka oKhuzani Mpungose, nembongi uMP Da Mkhize Bee, ngenxa yombango wemali.
Ingxabano yamaciko seyishube ngendlela yokuthi aseqale nokwesabisana ezinkundleni zokuxhumana. UMP Mkhize Da Bee, owaduma ngokusebenza neNdidane, usola uKhuzani ngokunqwaha noR20 000 emuva kokuhaya engomeni yakhe eyayithi Iso Lami.
Kanti uKhuzani uthi akukho mali ayikweleta uMP Da Bee ngoba nguyena owamsukela, wacela ukuba ampike engomeni ukuze aziwe. Uthe useyaxakeka uma uMP Da Bee esemfuna imali ekubeni kungekho sivumelwano abasenza esithinta ukukhokhelana.
Kuqale uMP Da Bee ebhala izinkulumo ezibhingqa uKhuzani kanti noKhuzani uzogcina esehluthukelwa yinhliziyo, wabhala iheheba lomyalezo abewubhekise kuMP Da Bee.
Isolezwe NgoMgqibelo lithole ukuthi okwacasula uMP Da Bee ukushaywa ngesithende emcimbini weGcwalis' iMabhida eThekwini ngo-2019. Yilapho uKhuzani aqasha inyosi engumkhaya wakhe yaKwaNongoma, uGoqozile Masango, owangenisa umskandai emcimbi.
Ethintwa uMP Da Bee uthe wahlangana noKhuzani eGoli, ngenkathi esebenza neNdidane.
“Ngafica uKhuzani e-studiyo esasiqopha khona ingoma. Emva kokuba sihlale ndawonye usuku lonke, uKhuzani wathi uyafisa ukuthi sisebenze ndawonye kwi-albhamu yakhe entsha,” usho uMP Da Bee.
Uqhube wathi uKhuzani wamcela ukuthi ngo-2016 eze eGoli, bezosebenzisana. Uthe yize wayehlala eThekwini, washaya imoto waya eGoli, waze wafika ebusuku.
UMP Da Bee uthe ekuseni mayesethi ufonela uKhuzani ngemininigwane yenhlangano uKhuzani waqala ukuziba izingcingo zakhe nemiyalezo ye-Whatsapp.
Eziphendulela uKhuzani, uthe uMP Da Bee usebenzisa igama lakhe ukuze athole udumo nokuthi kubhalwe ngaye emaphephandabeni. Uthe wafonelwa nguMP Da Bee ethi ucela ukusebenza naye ukuze aziwe kangcono ngoba efuna ukuya phesheya kwezilwandle.
“Ngingumuntu ongenankinga ke, ngavuma. Yize ngingakholelwa ezimbongini. Ngavuma ukumsiza ngokumupha isikhashana nje eculweni elilodwa,” kuqhuba umaskanda.
Uphethe ngokuthi akayazi imali asekhuluma ngayo uMP Da Bee futhi akazi nokuthi imalini athi bavumelana ngayo.