ZIZOLEKELELA ekusebenzeni amacala aphathelene nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, izimoto zamaphoyisa ezingamakiwe eziyingxenye yezintsha ezidluliselwe eziteshini zamaphoyisa ezehlukene.
Zingu-239 izimoto okubalwa kuzo nezithuthuthu ezintsha, ezidluliselwe eziteshini zamaphoyisa ezehlukene, emcimbini wokwethulwa kwazo izolo, eThekwini.
Ekhuluma ngesikhathi kudluliselwa ngokusemthethweni izinsiza, uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uGeneral Nhlanhla Mkhwanazi, uthe inqwaba yezimoto ezingenawo umaka wamaphoyisa zizosetshenziswa ophikweni lwamaphoyisa olubhekelele amacala oDlame lwaseMndenini, ukuHlukunyezwa kwezingane, namaCala aphathelene nocansi, eziteshini ezehlukene esifundazweni.
“Ezinye izimoto ezinikezwa amaphoyisa zimakiwe ezinye kazimakiwe. Ezingamakiwe zizosetshenziswa ngamaphoyisa uma enza uphenyo ngamacala athinta udlame lwasemindenini, ukuhlukunyezwa kwezingane namacala ocansi.
“Lesi sifundazwe singesinye sezihamba phambili ngalolu hlobo lwamacala ngakho asifuni ukuthi abesifazane abakuhlunyeziwe, uma kwenzekile kubafakele amehlo uma sebelandwa yimoto yamaphoyisa emakiwe ukubayisa lapho kumele bathole khona usizo. Ngesikhathi amaphoyisa ehla enyuka nabo besafunelwa usizo kumele bazizwe bevikelekile yingakho kuzosetshenziswa lezi zimoto,” kusho uMkhwanazi.
Unxuse amaphoyisa ukuthi aqinisekise ukuthi izimoto zihlala zisesimeni esigculisayo futhi zilungiswa kusenesikhathi uma zinenkinga, wathi uma ukubonakala kwemoto yamaphoyisa ingekho esimeni, umphathi wesiteshi uyobhekana nokuqondiswa izigwegwe.
UMkhwanazi uthe abanikazi bezindawo zokucima ukoma abayilandeli imigomo elawula ukusebenza kwazo okubalwa kuyo ukuhlonipha izikhathi ezibekiwe zokudayisa, ngeke babekezelelwe.
Uqinisekisile ukuthi kukhona indawo yokucima ukoma eyaziwayo, ehanjelwa ngabantu abaphezulu, okuphoqe ukuthi umnikazi wayo athathelwe izinyathelo emva kokuthi ngeSonto amaphoyisa azithele kuyo isavuliwe emva kwesikhathi esinqunyiwe.
Uqinisekise ukuthi ngesonto elizayo, isifundazwe sizomukela amaphoyisa angu- 1 700 abuya ekolishi azotshalwa eziteshini ezehlukene, okungenye yezinto ezizoqinisa kakhulu umkhankaso wamaphoyisa ekulweni nobugebengu nokwephulwa komthetho ngesikhathi samaholidi kaDisemba.