UZIZWE eshiywa igazi wajika esesemsebenzini, wabuyela ekhaya uyise wentombazane isidumbu sayo esitholwe amaphoyisa emotweni yakhe sisongwe ngengubo yokulala, sinamanxeba okugwazwa, eManzimtoti, ngoMsombuluko ekuseni, okusolwa ukuthi iqale yadlwengulwa.
Isidumbu sikaThobeka Radebe (17), oyisitshudeni kwesinye sezikhungo esiseMbilo, sitholwe sisongwe ngengubo sinamanxeba okugwazwa emotweni okuthiwa ibihamba uyise, uMnuz Aggripa Radebe nomunye wesilisa, etholwe ngamaphoyisa iphantshiswe amasondo ekhoneni lomgwaqo uKingsway no-Ocean View, eManzimtoti.
URadebe nabehamba naye kuthiwa bathathwe ngamaphoyisa ukuyobahloma ngemibuzo ngesikhathi beficwa endaweni yesigameko kodwa babuye badedelwa emva kokuthi kuvezile ukuthi unguyise kamgilwa kanti ubemphuthumisa esibhedlela.
Uveze ukuthi uThobeka ubevamise ukusala yedwa ekhaya njengoba ubengena izinsuku ezithile kuphela esikhungweni abeqeqeshwa kuso, izingane zakwabo ezimbili ziyafunda kanti abazali bobabili bayasebenza.
Elandisa Isolezwe ngokwenzekile, uthe ufundisa eSipingo Beach Secondary, kanti ngesikhathi efika nje emsebenzini ngoMsombuluko ekuseni, uzizwe eshiywa yigazi umzimba wakhe uphansi, wabikela uthishanhloko ngaphambi kokuthi anqume ukujika abuyele ekhaya.
“Ngithe uma ngiqhamuka ngaqaphela ukuthi isivalo segaraji sivuliwe, kodwa nganganaka ngizitshela ukuthi mhlawumbe indodakazi unqume ukuhlala khona. Ngiqale esitolo ukuthenga okuthile, ngase ngidlulela ekhaya. Ngibone kuphuma owesilisa othile egaraji oyiphara lendawo elaziwayo, ebaleka ejikela emva kwendlu,” usho kanje.
Uthe ngesikhathi ebona lokhu, uqonde egaraji, wazithela phezu kwendodakazi yakhe idindilizile, yopha esifubeni nasekhanda kanti beyikhunyulwe ngezansi izimpahla ize, watatazela wazama ukuyisiza.
URadebe uthe umsolwa uphume wajikela ngasemotweni wagwaza amasondo emoto yakhe asesandleni sokudla ngokuthile ngaphambi kokuthi abaleke. Uveze ukuthi nokuthi amasondo agwaziwe, ukuzwe ngomakhelwane abebebukela ngaphesheya ababonile kuphuma umsolwa.
Uthe ngenxa yokuthi ubesetatazela ethukile ebona indodakazi iphelela emehlweni akhe, unxuse othile ukuthi amshayelele beyiphuthumise esibhedlela eKingsway, imoto ikwazile ukuhamba ibanga elingamakhilomitha amahlanu isuka eBhekulwandle, eManzimtoti, kodwa ngenxa yesimo samasondo yagcina imile kanti indodakazi yakhe ibisishonile.
URadebe uthe kulapho beficwe khona amaphoyisa, kwanokungaboni ngaso linye, ezama ukuwachazela ukuthi uwuyise kamufi ubemphuthumisa esibhedlela, kodwa agcina ebathathile.
Ikhansela lendawo, uMnuz Menzi Manqele, uthe batshelwe wumphakathi namalungu omndeni azibonele umsolwa ebaleka ukuthi uwumuntu oyingozi ohlalise lubhojozi umphakathi.
“Isigameko sikhombisa ubulwane Kuthiwa umsolwa ziningi izigameko ahlukumeza kuzo umphakathi ikakhulu abantu besifazane, kanti bayiqeqebana elisatshwayo endaweni. Kuyimanje usekubhaceni kodwa siyacela abantu basebenzisane namaphoyisa ukuze atholakale aboshwe ngalesi senzo esibuhlungu asolelwa kuso,” usho kanje.
UMphathiswa woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza, ukugxekile ukubulawa ngesihluku kwalesi sitshudeni.
“Sinxusa amaphoyisa ukuthi asebenze ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi ubulungisa buyenzeka, kuboshwe isigilamkhuba,” usho kanje.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseManzimtoti aphenya icala lokubulala.