KUBUKEKA sengathi isifo sikapokisi wezinkawu, imonkeypox, sesidambile ezweni ngoba sekuphele izinyanga ezimbili singekho isigameko esibikiwe ngomuntu ophethwe yiso.
UNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke uDkt Joe Phaahla, udalule lokhu ngesikhathi ekhuluma ohlelweni iKZN Health Chat, kuleli sonto.
Ngokusho kukaPhaahle, empeleni upokisi wezinkawu ekusona isifo esisha, uthi sike saba khona entshonalanga ye-Afrika kodwa besingakaze sifinyelele eNingizimu Afrika, nasemazweni aphesheya. Emazweni esitholakala kuwo siyalawuleka kodwa nonyaka sibonakale sisabalala.
"Ingebhe iqale ngesikhathi isifo sisabalala nasemazweni aphesheya nakubantu abangakaze bavakashele entshonalanga yase-Afrika, njengoba kuyisifo esithathelanayo. Inhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO), ibe isishaya umthetho wokuthi isifo sibhekwe ngoba kubonakala ukuthi singase sibe yingozi. Ngokubona kwethu njengamanje isifo sesidambile kuleli ngoba sagcina ukuba nesigameko bgaso ezinyangeni ezimbili kanti izigameko esike saba nazo kuleli zibe zinhlanu kuphela," kusho uDkt Phaahla.
Igciwane lisabalala kakhulu kwamanye amazwe ikakhulu e-United Kingdom, kanti ngoLwesibili kubikwe ukuthi bangu-27 000 abantu asebehaqwe yisifo selokhu sahlasela kuleliya lizwe.