UBALISA ngendlela okushone ngayo indodana yawo umndeni wowesilisa olinyazwe yimvubu washona esiqiwini eMkhuze Reserve.
Kuthiwa uMnuz Phiwayinkosi Mthembu (31) waseManguzi ulinyazwe yimvubu ngeSonto ekuseni.
UMthembu ulimala nje ubesemsebenzini eqaphe isimo base behlukana ngokwamaqoqo nozakwabo.
Yena nozakwabo bahlukene, uzakwabo uzwe sekuqhuma inganono kwathi uma eyobheka wabona uMthembu eqhobozelwa yimvubu.
Kuthiwa ube eseyidubula imvubu yaze yafa. Ngesikhathi imvubu ifa kuvela ukuthi uMthembu ubesaphila. Kuthiwa ukwazile nokukhuluma nozakwabo.
UMnuz Thembinkosi Mthembu onguyise omncane kamufi ubalise ngesihluku indodana yabo edlule ngaso emhlabeni.
Uthe bezwa ubuhlungu obuyisimanga ngalo mshophi athe ubehle ngaphezulu.
Uthe batholile ukuthi indodana yabo ilinyazwe yimvubu kabi. Uveze ukuthi ulimale kabi esiswini.
"Okusiphatha kabi kakhulu kube yindlela ashone ngayo. Kubuhlungu kakhulu kithina njengomndeni lokhu okusivelele,'' usho kanjena.
Uthe bebengakulindele ukuthi kungenzeka into efana nalena. Ukhale ngokuthi kuzobathatha isikhathi eside ukuthi bakwamukele okuvelile.
"Kusenzima kakhulu ngisho ukukhuluma ngale nto. Namanje sisadidekile ngalokhu. Kodwa sesethemba uNkulunkulu nguyena owaziyo,'' usho kanjena.
UMthembu uchaze umufi njengomuntu obewusizo olukhulu ekhaya ondla.
Ugcizelele ukuthi bafe olwembiza ngalokhu osekwenzekile. Waveza ukuthi asiside kangako isikhathi umufi esebenza kulesi siqiwi.
Esitatimendeni esithunyelwe ngabeZemvelo KZN Wildlife, isikhulu esiphezulu sale nhlangano, uMnuz Sihle Mkhize, sidlulise amazwi enduduzo emndenini.
UMkhize uthe udumele kakhulu ngesikhathi ethola ngalezi zindaba ezishaqisayo.
"Inhliziyo yami ibe buhlungu kakhulu ngesikhathi ngizwa ngalezi zindaba. Ngivele ngaphelelwa nangamazwi ngesikhathi sengithola nokuthi uMthembu ubesanda kulahlekelwa yingane yakhe,'' kuchaza yena.