USEFIKA ngokuntshontsha kubo ngenxa yokwesaba owesilisa ovulele icala uMbuso emva kokuboshwa ngamaphoyisa kodwa abuye amdedela kwelokubulawa kowayeyisihlabani sebhola likanobhutshuzwayo, uSenzo Meyiwa.
UMnuz Zamokuhle Mbatha (35) waseVosloorus, eGauteng, uthe kumphatha kabi ukuthi namanje kunabantu emphakathini abasakholwa wukuthi nguye owasoconga uMeyiwa.
UMbatha wabopha ngamaphoyisa ngo-2015 “ngokuboshelwa ubala nokwehliswa isithunzi,” wafuna isinxephezelo sikaR10 million.
Wayekade echithe amasonto amabili esitokisini, wagingqiswa nezithupha njengoba ubuholi bamaphoyisa bangaleso sikhathi bakuqinisekisa kwabezindaba ukuthi uMbatha uyathinteka.
UMeyiwa wadutshulwa ekubo kanina wengane yakhe ongumculi, uKelly Khumalo ngo-Okthoba 26, 2014.
“Kuyabheda konke, nalapho engihlala khona angisahlali kahle. Sengifika ngokuntshontsha ngoba abanye abantu basakholelwa ukuthi yimina engabulala uSenzo.
Ukuthula kwamaphoyisa angaxolisi kimina ngokungibophela ubala, bese eyanginxephezela, kungithwalisa kanzima,” kusho uMbatha ngosizi.
NgoLwesibili langena eNkantolo eNkulu yaseGoli icala likaMbatha alivulele uMbuso ngokuboshelwa ubala.
UMbatha wayengumakhelwane womuzi wakwaKhumalo futhi ewashela uMeyiwa imoto yakhe njalo uma evakashele ekhweni.
UMbatha uthi akakwazi nokuthola umsebenzi ngoba izithupha zakhe zisangcolile emuva kokugingqiswa zona ngamaphoyisa.
Ummeli kaMbatha, uMnuz Mxolisi Ndwandwe, ukhale ngokucweba iziziba athe kwenziwa wuMbuso ngalolu daba.
UNdandwe uthi ngisho ethumela ama-emails efuna okuthize akaphendulwa.
“Sesiyohlangana eNkantolo noMbuso ngoba bayasibambezela. Thina kade salilungela leli cala kodwa sibona sengathi abakalilungeli ngoba nakhu bayasibalekela. Uma ngibabhalela abangiphenduli,” kubalisa uNdwandwe.
UMbatha ukhale ngokuthi bakhona abasolwa abahlanu ababoshwa bathweswa icala lokubulala uMeyiwa, pho kungani yena enganikezwa okuyizimfanelo zakhe.