UYA ePhalamende owayenguMphathiswa wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal uMnuz Jomo Sibiya ngemuva kokhetho lukazwelonke ngoMeyi 29, 2024.
Lokhu kuvele ohlwini lwe-ANC lwamalungu azojutshelwa ezikhundleni eziphezulu ngemuva kwalolu khetho olubhekwe ngabomvu.
USibiya ongomunye wabeluleka uMengameli Cyril Ramaphosa, wakhishwa esikhundleni sokuba nguMphathiswa esifundazweni emuva kokungena kobuholi obusha be-ANC, okumanje buholwa nguMnuz Sboniso Duma.
Abanye abantu abaya ePhalamende oNkk Nomalungelo Gina, iphini likaNgqongqoshe wezoHwebo. Abanye abaholi ababuyayo uDkt Zweli Mkhize, oke waba nguNgqongqoshe wezeMpilo.
UDkt Sibongiseni Dhlomo ngomunye wabakhuza ibuya, njengoba eyiPhini likaNgqongqoshe wezeMpilo.
Abanye abakhona kulolu luhlu, kubalwa ilungu lePhalamende uMnuz Sdumo Dlamini, uMnuz Edwin Mkhize ongunobhala weCosatu esifundazweni.
UNksz Bathabile Dlamini oke waba nguNgqongqoshe wezeNhlalakahle ngomunye okuphakanyiswe igama lakhe ukuthi aye ePhalamende.
Ohlwini lwesifundazwe baningi abanye abaholi abasha abazobe beqala ukuya esiShayamthetho.