KUVELA inqwaba yamagama abantu okusolakala ukuthi basocongwa “yizinkabi” ezimbili ebezesatshwa KwaZulu-Natal.
UMnuz Sibonelo Wiseman Shangase (33) odume kakhulu ngelikaMadanone noMnuz Thalente Mkhize (36) bebekade bevele ngoMsombuluko, eNkantolo eNkulu yaseThekwini.
Icala labo lihlehliselwe uMashi 30, nonyaka, ngenxa yokuthi bathole abameli abasha abazobamela.
IJaji uMathenjwa lithe ngenxa yaleso sizathu kungcono ukuthi leli cala lihlehliswe ukuze abameli babasolwa bezokwazi ukuqale baxhumane kahle nabasolwa, bathole okunye okumayelana nokuboshwa kwabo.
Laba ababili kuvelile ukuthi kunamacala angu-15 okubulala ababoshelwe wona.
Phakathi kwezigameko abasolwa ngokuba ongqondongqondo kuzona kubalwa nesokusocongwa kwabantu abayisithupha esenzeka eMawoti, eNanda, ngo-2022.
Kuleso sigameko kwadutshulwa kwabulawa uWandile Fanaphi (17) Qaphelani Mkhovu (20), Mlondi Getane (22) Mlondi Kunene (25) Philip Hansa (25) noLindo Sphambo (22).
UFanaphi noMkhovu ngesikhathi bedutshulwa, kuvela ukuthi babenza u-matric.
Lezi zinkabi ziphinde zisolwe nangokuthi yizona ezasoconga usomabhizinisi wase-Overport, uMnuz Zeyn Moideen, owadutshulwa emgwaqweni uBrickfield ngo-2022.
Basolwa nangokuthi baphinde babulala umakhelwane walo somabhizinisi, uShaheed Moodel, nokuthiwa bakwenza ngaphambi kokuba basoconge usomabhizinisi.
Basolwa nangokuthi ngosuku olufanayo ababulala ngalo usomabhizinisi, bazama nokubulala owesilisa wakwaSibisi ohlala eNtuzuma.
Kuvela nokuthi ngo-2021, abasolwa bathumba uMnuz Phakamani Cwele bamsusa eNanda baze bayombulalela oLwandle Drive, KwaDabeka.
Basolwa nangokuthi yibona ababulala uMnuz Nhlanhla Goge eNanda, ngoAgasti 7, 2021.
Kuthiwa yibona futhi ababe ngongqondongqondo ekubulaweni kukaMnuz Njabulo Bongani Shongwe noMnuz Zolani Goodman Mbuthuma nakhona okwenzeka eNanda, ngoSepthemba 2, 2021.
Basolwa ngokuthi bazama ukubulala ngesikhathi bezama ukubamba inkunzi kuhlonyiwe kwenye yezindawo eziseThekwini, ngo-2022.
Kuleso sigameko kuvela ukuthi baphuca abesilisa ababili izibhamu, iNorinco Piston neDashprod Rifle. Bantshontsha nezinhlamvu ezingu-66.
Kuvela nokuthi kunelinye icala lapho uShangase ayehamba khona yedwa, wathatha imali enguR140 000 esebenzisa indluzula.
Umshushisi u-Advocate Krishen Shah uthe uyavumelana nokuthi laba icala labo lihlehliselwe uMashi 30.
Ngesikhathi uShangase ekhalelwa ngamasongo kaSigonyela watholakala nezibhamu nezinhlamvu ezingu-90.
Ezokuphepha beziqinile enkantolo. Abasolwa bebebonakala bezikhululekele nje.
UShangase ubefake isikibha esimhlophe nezibuko. UMkhize efake ibhulukwe elimnyama nesikibha esimnyama.
Izihlobo zabagilwa bezigcwele enkantolo zizozibonela okuqhubekayo ngabasolwa.
Isolezwe lithole ukuthi kungenzeka amacala okubulala andiswe njengoba kuvela namanye amacala okusolakala ukuthi abasolwa bayabandakanyeka kuwona.