UVELE eNkantolo yeMantshi eGoli, owesilisa ngecala lokubulala ngemuva kokutholakala kwezidumbu eziyisithupha zabesifazane.
Amaphoyisa athi umsolwa uneminyaka engu-20 kodwa awakwazi ukuveza igama lakhe okwamanje anduba amiswe emgqeni wabazokhonjwa wofakaza.
“Umsolwa uboshwe ngo-Okthoba 9, ngemuva kokuba kutholakale izidumbu eziyisithupha zabesifazane endaweni yokukhanda eSelby, eGoli.
“Onakekela ibhilidi ubewasha imoto ngesikhathi ezwa iphunga elibi liqhamuka ngaphakathi ebhilidini. Ubone isidumbu sowesifazane ngesikhathi ehlola ukuthi yini enukayo,” kuchaza uPhindi Mjonondwane okhulumela iNPA eGauteng.
Yize kutholakale izidumbu eziyisithupha, ngokobufakazi obuqukethwe yidokodo, umsolwa ubekwe icala elilodwa lokubulala elimyamanisa nesidumbu esisodwa.
AbeNPA basazokwenza uphenyo ngokufa kwabanye. Icala lihlehliselwe ku-Okthoba 18, 2022 ukuze umsolwa afake isicelo sebheyili.