UZOVELA namuhla eNkantolo yeMantshi yaseMtubatuba, umsolwa oneminyaka engu-23, oboshelwe icala lokudlwengula udadewabo phambi kwezingane.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uLieutenant-Colonel Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokudlwengula nelokushaya ngenhloso yokulimaza esiteshini samaphoyisa KwaMsane, emuva kokuba owesifazane oneminyaka ewu-27 edlwengulwe ngumsolwa amaziyo eHluhluwe, ngoFebhuwari 8, kulo nyaka.
Umsolwa uboshwe emuva kokudlwengula ephindelela waphinde walimaza kabi udadewabo phambi kwezingane zakhe ezimbili ngezintathakusa zangoLwesibili olwedlule.
Ngokusho komthombo owakhelene nomgilwa, kuhluleke ngisho ingane eneminyaka eyisikhombisa imncenga ukuba ingambulali unina kodwa waqhubeka umfowabo nokumhlukumeza.
Umsolwa uqhubekile nokumdlwengula maqede wamsonta intamo ngaphambi kokumhlahlela ngocelemba. Umthombo uthe umgilwa utheleke kamakhelwane egijima futhi emanxebanxeba, wababikela ukuthi ucishe wabulawa umfowabo.
Ebuzwa ukuthi uzishiyephi izingane, umgilwa uthe ubaleke wazishiya, wabe esecela ukuphelezelwa ayozilanda. Umthombo uthe umgilwa uphelezeliwe bafica enye ingane isikhase yaze yafika emthangaleni futhi isicishe yaphoseka kuwona njengoba beyisicuphele.
Oyiso lenduna, uMnuz Nxeba Mhlongo, uvumile ukuthi lesi sigameko senzekile, wathi namanje basathuthumele wukwethuka.