UKUQHUBEKA kokusocongwa kwabasondelene neSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, sekususe itwetwe ngokuphepha kwesihlalo sobukhosi bukaZulu.
Izinduna zaKwaZulu-Natal zithi ukusocongwa ngokulandelana kwezethenjwa zeSilo kwenza ukuthi zisole ukuthi kukhona abafuna ukuqeda ngobukhosi bukaZulu.
Zikusho lokhu emva kokusocongwa kweso leSilo KwaNobamba, uMnuz Mbangiseni Mbuyisa, elidutshulwe ngoLwesihlanu ebusuku.
Ukusocongwa kukaMbuyisa kuza emva kokusocongwa kwezinye izethenjwa zeSilo, okukhona kuzo owayengusihlalo woMkhandlu wasoSuthu, uDkt Dumisani Khumalo, uMntwana uMbongiseni Zulu nenduna uMnuz Cuphisa Ntuli.
Inhlangano yezinduna, Ubumbano LweziNduna, ithe kuyakhathaza ukusocongwa kwabasondelene neSilo.
Omunye wabaholi boBumbano LweziNduna, uMnuz Phakamani Dlamini, uthe ukusocongwa kwezethenjwa zeSilo kubenza basabele ukuphepha kwesihlalo sobukhosi bukaZulu.
“UMbuyisa uyiso leSilo lesithathu ukusocongwa. Lesi simo sikhombisa ukuthi kukhona abantu abazungeza isihlalo. Asazi ukuthi yini thina okufanele siyenze njengabantu okufanele bavikele isihlalo ngoba kusobala ukuthi kukhona abasikaza isihlalo ngejozi.”
UMbuyisa ugcine ukubonakala esidlangalaleni ngesikhathi iSilo sivula ngokusemthethweni iNdlu yobuHoli boMdabu KwaZulu-Natal, ngesonto eledlule.
UDlamini uthe ngalolu suku uMbuyisa wayezinamele, engakhombisi ukuthi kukhona okumhlalise lubhojozi.
“Le nto ikhomba ukungaphephi kwabaholi bomdabu. Ukubulawa kwabaholi bomdabu akuthathelwa phezulu. Akufani nokubulawa kosopolitiki nosaziwayo. Le nto izogcina seyenza ukuthi basabe ukukhethelwa ezikhundleni. Izikhundla zizogcina seziphathwa ngabantu abangalungile.”
UDlamini uthe impilo yabaholi bomdabu ayiphephile ngenxa yomsebenzi abawenzayo, wathi umsebenzi wabo ubuye ubaphoqe ukuthi bathathe izinqumo ezicasula abathile.
“Kuzogcina kuba nzima kuthina ukuthi sithathe izinqumo. Siyacela ukuthi uhulumeni alusukumele olukubulawa kwabaholi bomdabu. Njengoba uhulumeni ekwazi ukuqeda udlame lwamatekisi, engakwazi nokuqeda ukubulawa kwabaholi bomdabu.”
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Bongi Sithole-Moloi, ukugxekile ukubulawa kukaMbuyisa.
UNkk Sithole-Moloi unxuse ukuthi abangaba nolwazi ngokusocongwa kukaMbuyisa bathintane namaphoyisa.
“Lokhu kuqothwa kwabaholi bomdabu kuzodala ukuthi lungabi khona uzinzo esifundazweni sethu. Sinxusa izinhlaka zezokuphepha ukuba ziphenye lokhu kusocongwa kwabaholi bomdabu.”
I-NFP kwisifunda iZululand ithe ifuna ukuthi amakhosi ahlinzekwe ngabaqaphi, aphinde aqeqeshelwe ukuzivikela.
Esitatimendeni, uSotswebhu weNFP eZululand, uMnuz Siphamandla Ntombela, uthe lokhu kwakwenzeka ngaphansi kohulumeni wobandlululo nohulumeni waKwaZulu.
Unxuse zonke izinhlaka zokubusa ukuba zisebenzisane ukulwa nesihlava sokuqothwa kwabaholi bomdabu.
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal awazange aphendule imibuzo ayithunyelwe.
Imizamo yokuthola ukuphawula kwehhosi leSilo ayizange iphumelele.