BAKHATHAZEKILE ongoti bezempilo ngokuthi kungenzeka kubheduke isifo sohudo icholera, sisabalale kakhulu emadolobheni aseGauteng
Lokhu bakusho ngenxa yokuthi kunabantu abangu-10, baseGauteng, okutholakele ukuthi banecholera kuleli selokhu siqale ihlasele ngoFebhuwari.
Isikhungo esibhekelele izifo ezithathelanayo iNational Institute for Communicable Diseases (NICD), sithe zonke izigameko ezibikiwe zabanesifo sohudo kusukela ngoFebhruwari 5, ngezabantu baseGauteng.
Umbiko wakamuva weNICD uthi izigameko zabahaqwe yisifo sohudo eziningi ziqhamuka ezifundeni ezimbili esifundazweni iGauteng, okuyisedolobheni iGoli, naseKurhuleni.
"Ezinye zalezi zigameko ziyamaniswa nomfula iJukskei, okungenzeka ukuthi kwangena indle ephuma emapayipini endle angena emfuleni. Lokhu sikusho ngoba amakholwa ahaqwa yilesi sifo ayesebhandeni, athandaza emfuleni futhi akukho okunye ukudla akudla kodwa ngesikhathi ethandaza umfundisi wawaphuzisa amanzi okusolwa ukuthi ayenezinsalela zendle,” kusho isitatimende seNICD.
Abantu bokuqala abangenwa yigciwane babevakashele eMalawi, lapho lesi sifo sidla lubi khona, ezinye izigameko ziqubuke ngaphakathi eGauteng.
UDkt Juno Thomas weNICD, ngemuva kokubona ukuthi izigameko zesifo sohudo ngezaseGauteng, babe sebenza ucwaningo olubheka ukuthi ngabe lokhu kudalwa yini.
Uthi bathole ukuthi eDiepsloot, abantu abaningi basebenzisa izindlu zangasese eziyimigodi kuyenzeka indle iphuphume igeleze iyongena emfuleni iJuskei. Kanti e-Alexandra izitamukoko ziyamfifa okwenza ukuthi lawo amanzi aphuma ezitamkokweni agcine engene emifuleni uma linile, okubeka izakhamuzi zaseGauteng, engcupheni yokungenwa izifo.
UMnuz Foster Mohale, okhulumela uMnyango wezeMpilo kuleli, unxuse abantu ukuthi bajwayele ukuwabilisa amanzi abazowaphuza uma engaphumi empompini, ukuze bavikele ukusabalala kwecholera.