SEKUQUBUKE itwetwe kumalungu omphakathi waKwaDabeka ngemuva kokubulawa kobeyisishoshovu ebesisekomitini lomphakathi entathakusa ngeSonto.
Kusolakala ukuthi ukubulawa kwaleso soshoshovu kuhlobene nezigameko zakamuva zokubulawa ubuthaphuthaphu kwabantu kule ndawo.
UMnuz Bongumusa Molefe, waKwaDabeka kwa-E okuthiwa ubehlala koLindela abagudle umgwaqo uDumisani Makhaye, kuthiwa uhlaselwe abesilisa ababili abaqonde kuye ezihlalele nabangani bakhe ngasendlini abehlala kuyo, bephethe izibhamu ezinkulu bafike bamdubula washonela endaweni yesigameko.
Ilungu lomphakathi elicele ukungadalulwa ngenxa yokubona lingaphephile lithe ngendlela umbango wemingcele ngokudayiswa kwewunga endaweni osumkhulu ngayo, abantu sebengcwaba isonto nesonto ngenxa yezigameko zobugebengu.
“Umphakathi ufe olwembiza ngokubulawa kwakhe. Kuyacaca ukuthi ufele ukuqwashisa nokuthanda umphakathi njengoba ngesonto elidlule nje, kubulawe abathathu ngokudutshulwa kule ndawo ezehlakalweni ezehlukene. Ngesikhathi kubulawa owesilisa okuthiwa wahlaselwa edayisa iwunga, umufi ufake umlayezo oqoshiwe eqoqweni lomphakathi kwiWhatsApp, azisa ngokwenzekile, esikholwa ukuthi yikona okumdonsele amanzi ngomsele ezigebengwini,” kusho leli lungu.
Isolezwe linawo umlayezo kamufi okuthiwa ubewuqondise emphakathini ethi;
“Ngithi angidlulise lokhu, e-One on one sekubulewe umfana, uma ngithola ulwazi ke, kuthiwa ubekade edayisa iwunga, bebefike ekuseni nje bedayisa.
Laba bafana bebebabili noma bebathathu, kubulawe oyedwa okuthiwa ubehlala ngakaVusi wamakhabethe. Bengithi angidlulise lokho.”
Ikhansela kule ndawo uMnuz Khulekani Mbhele lithe ngendlela abantu abathuke ngayo ngenxa yezigameko zokubulala ezenzeka njalo kuleli lokishi, nabo njengabaholi sebephila ngokwesaba.
“Isimo sibi kakhulu endaweni, singcwaba masonto onke abantu ababulewe. Usubonga uvuke uphila. Uma kusaba thina baholi ke, kangakanani kubantu esibaholayo? Siyafisa ukuthi ungqongqoshe wamaPhoyisa ayidalule njengendawo enezinga eliphezulu lokubulawa kwabantu le ndawo,” kusho uMbhele.
Uthe okwamanje akulula ukuqagela ukuthi isigameko sokubulawa kukaMolefe sihlobene nani, kodwa kuyaziveza ukuthi bekuwubugebengu obuhleliwe. Umchaze njengomuntu obesebenzisana naye kakhulu.
Umchaze njengomuntu obesebenzisana naye kakhulu.
Imizamo yokuthola umndeni kaMolefe ayiphumelelanga njengoba izinombolo zocingo kuze kwashaya isikhathi sokushicilela intatheli ingakazitholi.
UMnuz Simphiwe Khumalo obesondelene kakhulu nomufi, uthe usadidekile ngokuholele ekubulaweni kwakhe.
“Ubengesiye umuntu ohluphayo, angazi noyedwa okungathiwa unenxa naye. Kubuhlungu kakhulu. Bekuwumuntu obethanda abantu kangangoba njengoba nathi sinamabhizinisi esiwenzayo, ubesigqugquzela ngokunikela emphakathini, okuyinto ebesiyenza,” usho kanje
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa KwaDabeka.