KUVUNGUZA umoya wokwesaba emalungwini eThekwini Neighbourhood Watch eNanda kulandela ukubulawa kwamalungu amabili ale nhlangano elwa nobugebengu abulawe ezigamekweni ezehlukene ngeSonto ekuseni.
Ngokusho kwelinye ilungu lenhlangano, esigamekweni sokuqala, kudutshulwe kwabulawa uMnuz Avela Nomphahla (31) edlala ibhola enkundleni yezemidlalo, i-One, ngaseDube Village.
“Uma kungamaSonto, ujwayele ukuthi ayozidlalela ibhola nabafana bendawo, beziqeqeshela imidlalo ababuye babe nayo. Kuqhamuke abalisa ababili, bafike bamdubula. Kuthe kusenjalo bajoyinwa owesithathu, ofike wamqedela,” kulandisa ilungu.
Uthe isigameko senzeke phambi kwabanye ebebedlala ibhola, kanti abahlaseli bebezihambela ngezinyawo.
Isigameko sesibili, athe senzeke kungakapheli imizuzu engu-30 kwenzeke esokuqala, senzeke eMatendeni, eNewtown C.
Kusona uthe kudutshulwe kwabulawa uMnuz Mzwandile Mbambo phambi komndeni wakhe.
“Kuthiwa kugasele abalisa abathathu, bafuna ngodli isibhamu kumufi. Kuthiwa uthe uma elandula ethi akanasibhamu yena, bamdubula phambi kwabazukulu bakhe abehleli nabo egumbini lokuphumula,” kusho ilungu.
Leli lungu likhombe ngenjumbane iqembu lemigulukudu, iWest, okuthiwa lisalokhu liqhubeka nokuhlalisa lubhojozi umphakathi waseNanda.
Uthe amalungu abo ahlalele ovalweni njengoba lezi zigameko zilandela ezinye ezimbili ezenzeke ngeledlule, ngenhlanhla bangafa abebedutshulwa.
“NgoLwesibili, kudutshulwe uMnuz Langa, obegada esinye isakhiwo somphakathi, ngenhlanhla wangashona. Sathi sisabheke lokho, ngoLwesine kwadutshulwa uMnuz Cele, naye obeqapha esinye isakhiwo endaweni,” kwenaba ilungu.
“Isimo simuncu, wonke umuntu wethukile ngoba siyabona ukuthi inkulu impi ihlasele, futhi ibhekiswe kithina ngqo,” kusho ilungu.
Uchaze abafi njengabantu ebebengabufuni nalapho obuhambe khona ubugebengu. Uthe bobabili baneminyaka emithathu bengamalungu enhlangano.
Umsunguli wenhlangano, uMnuz Andile Jali unxuse uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke uMnuz Bheki Cele noKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLiutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ukuba basondele nekhambi lokulwa nobugebengu kule ndawo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseNanda aphenya amacala amabili okubulala kulandela ukubulawa kwababili ezigamekweni ezehlukene. '
"Esigamekweni sokuqala, owesilisa (30) udutshulwe enkundleni yezemidlalo eNewtown C abasolwa abathathu, kwesesibili khona eNewtown C, owesilisa (60) udutshulwe abasolwa abathathu ezibukela ithelevishini nomndeni wakhe," kusho uNetshiunda.
Uthe abasolwa abakaziwa okwamanje nembangela yokubulala ayikaziwa kanti amaphoyisa asaphenya ukuthi ngabe lezi zigameko zihlobene yini.