UKUDEDELWA ngebheyili yiNkantolo yeMantshi yaseShowe komthandazi osolwa ngokudlwengula umfundi ayemelapha, sekuqubule uvalo emndenini ngokuphepha kwendodakazi yawo.
Umfundi oneminyaka engu-15 waseNkandla, kuthiwa wavelelwa yilo mshophi ngesikhathi eyiswe kumthandazi waseChibini osesigodini esakhelene nesakubo kamgilwa, ukuyolashwa ngoba kukholakala ukuthi wayehlushwa yimimoya emibi, ngoSepthemba nonyaka.
Isihlobo esingeke sidalulwe ukuvikela umfundi, sikhuluma neSolezwe, sithe umndeni wathatha isinqumo sokumhambisa kulo mthandazi ukuze amelaphe emva kokuthi ephume esibhedlela engasizakalanga.
“Kuphoqe ukuthi ayeke isikole ekuqaleni konyaka ukuze ayolashwa. Sizwe ngabazalwane abasonta kulo mthandazi ukuthi uyasiza kakhulu esimeni esinjena, nebala samhambisa khona.
“Umthandazi wanxusa ukuthi asale ukuze ezomelapha kahle, okwathi ngosuku lwesibili esalile, wangishayela ucingo wangitshela ukuthi umthandazi uyamdlwengula,” usho kanje.
Uthe ngenxa yokuthi ukude akakwazanga ukufinyelela lapho kukhona umgilwa kodwa umgilwa wagcina eqile ngakusasa ephelezelwa ngamanye amalungu omphakathi ukuyobika udaba emaphoyiseni okwaholela ekutheni umthandazi aboshwe emva kokuthi umgilwa ehlolwe wudokotela.
Uthe okubakhathazayo wukuthi emasontweni amabili edlule, umsolwa wadedelwa ngebheyili, okwenza bahlale bethuka izanya ngoba imoto yakhe inokubonakala ime ngakubo kukamgilwa ngakho sebesaba ukuthi angamenzakalisa.
“Okusididayo wukuthi kasitshelwa uma ezovela enkantolo, nokuthi uphume ngebheyili sezwa ngabantu, amaphoyisa kawasazisi ngokuqhubekayo. Siyesaba futhi indodakazi isihlale ithukile, kwesinye isikhathi izwakala iklewula ibiza igama lomthandazi, asazi noma kukhona okungalungile afike amenza khona ngesikhathi ethi uyamelapha,” kusho ilungu lomndeni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo ukuqinisekisile ukuthi kwavulwa icala lokudlwengula esiteshini samaphoyisa eNkandla, idokodo ladluliselwa ophikweni olubhekelele amacala odlame lwemindeni, aphathelene nocansi nokuvikeleka kwezingane esiteshini samaphoyisa eShowe kanti umsolwa useke wavela enkantolo.