SIZWE BLOSE
UTUSWE ngokusebenzela ukuthuthukisa abanye abantu umsakazi woKhozi FM obegubha usuku lokuzalwa ngempelasonto emcimbini obuseLangeni Hotel, eThekwini.
UDudu Khoza, obengazi ngalo mcimbi, ufikelwe wumunyu kwahlengezela izinyembezi ngesikhathi zonke izikhulumi zikhuluma ngazwi linye, zithi ubambe elikhulu iqhaza ekuthuthukiseni abantu baseNingizimu Afrika.
UMnuz Paul Nzimande waseThala Bank, obe ngesinye sezikhulumi uthe okubuhlungu wukuthi umuntu onjengoDudu ugcina ekhohlwa yimpilo yakhe abeke eyabanye phambili.
“Naye udinga ukuthi simkhulekele ukuze izibusiso zakhe ziphindaphindeke,” kusho uNzimande.
Usomabhizinisi uZanele Mbokazi, uthe usebenzisana noDudu kumaCrown Gospel Awards, ngezinye izikhathi bahlala kuze kube sentathakusa kodwa ekugcineni kugqame yena uZanele.
“Ngilibonga kakhulu igalelo likaDudu kulo mcimbi. Abantu abangakwazi wukuthi saqala singaboni ngasolinye ezintweni eziningi kodwa manje sesizwane iminyaka engu-14. Okubona kuyena kuyile nto ayiyona,” kusho uZanele oke wasakaza kuKhozi FM.
Lo mcimbi ubuhlelwe ngokubambisana nguS’phongo Dladla noBabheke Mthethwa abangabadidiyeli bohlelo lukaDudu, i Jabul’ uJule, noBongani Mavuso wezinkondlo.
US’phongo uthe uDudu uyikho konke kuyena.
“Ungamukelile uLady D, uyangikhulisa, ungithinta ngisho ngingekho emsebenzini angikhumbuze ukuthi ngiziphathe kahle kukho konke engikwenzayo,” kusho uS’phongo.
UBabheke usebenzise leli thuba ukuzicelela kumphathi wezinhlelo uZandile Tembe ukuthi kukho konke akwenzayo angabahlukanisi.
“Ngikusho lokhu ngoba kuzovuselelwa izinkontileka njengoba kuzoqala unyaka omusha kwa-SABC,” kusho uBabheke.
UVicky Masuku, obedansa aze ashone phansi, wenze adume ngakho enandisa ngamahlaya akhe kulo mcimbi.
UDudu, obefike nomyeni wakhe nezingane zabo, ubonge bonke abebekhona kanjalo nabahleli bomcimbi abebengamazisanga ngawo.
Wale waphetha ukudalula iminyaka yakhe, ngisho nezikhulumi bezingayithi vu eyokuthi usengakanani uLady D.
Uhlelo lwakhe lwangoLwesihlanu lwalusakazwa abanye abasakazi boKhozi, okwakuhambisana nokugubha kwakhe usuku lwakhe.
Kulo mcimbi bekunandisa uSiyabonga Mpungose, Dust, Joocy, Maqhinga, DJ Mngadi, DJ Happy Gal, Thina Zungu, kukhona nabasakazi boKhozi FM u-Irvin Sihlophe, Khetha Gwala, Sabelo Mkhathini, Mandla Magwaza, Nomfundo Mkhize, Zandile Masondo nabanye.