UZOHLOLWA ingqondo owayeyisikhulu senkampani iBosasa, uMnuz Angelo Agrizzi owaduma ngokuchakida abathinteka ezenzweni zenkohlakalo.
Icala lika-Agrizzi elimayalana nenkohalaklo kaR1.8 belingene eNkantolo eNkulu ePitoli lapho okuphume khona isinqumo ngokuhlolwa kwengqondo.
U-Agrizzi ubevele enkantolo ngezobuchwepheshe besimanje ngenxa yesimo sempilo yakhe esingagculisi. U-Agrizzi ubevame ukubonakala sengathi akaphilile kahle, efaka ipayipi elithile emakhaleni ephethe nesigubhu thize esibukeka sengathi simlekelela ekuphefumuleni.
Ijaji lithe inkantolo kayinawo amandla okunquma ukuthi ungumuntu usesimweni somqondo esifanele yini ukuthi aqule icala kodwa bakhona odokotela abaqeqeshelwe lowo msebenzi.
Ijaji liqhubekile lathi uMbuso kufanele uqinisekise ukuthi u-Agrizzi uhanjiswa esikhungweni sezengqondo, afike khona ephephile futhi adle imishanguzo yakhe.
U-Aggrizzi waduma evela phambi kwekhomishini eyayiphenya inkohlakalo lapho ayedalula izinto ezishaqisayo.
Udaba abevele ngalo enkantolo lusukela emathendeni oMnyango wokuHlunyeleliswa kweziMilo, akhishwa phakathi kuka-2004 no-2007.
Amathenda kwakungawokuphakela iziboshwa, wukuzifundisa nokufaka izinsiza zezokuphepha emajele ahlukene kuleli.
Udaba luka-Aggrizzi luhlehlele u-Okthoba 31 nonyaka lapho okuzobe sekulindeleke ukuthi kwethulwe umbiko kadokotela obemhlola ingqondo.