UBABABAZA isihluku neminjunju oyizwayo umndeni womfundi waseShakaville obefunda uGrade 10, eML Sultan Secondary KwaDukuza, ngendlela abulawe ngayo egwazwa wase enqunywa uqhoqhoqho, isidumbu sakhe satholwa sinqunu yiphara ebeliqoqa amakopi.
Isidumbu sikaRonica Chimukoko (17), sitholwe eduzane nenkundla yemidlalo kule ndawo sinqunu, ngoLwesine emuva kokungabuyi ekhaya ephume eya esikoleni ngayizolo.
Umkhosi uhlatshwe yiphara okuthiwa belihamba lifuna amakopi lazithela phezu kwesidumbu.
Uyise omncane kamufi, uMnuz Peace Tendai Chimukoko, uthe umufi bamgcine ngoLwesithathu ekuseni, eya esikoleni.
Uthe uvame ukuhamba ngezinyawo isikhathi esiyimizuzu engu-20 uma eya esikoleni.
“Siqale sanganaka kushaya u-3.30 ntambama singamboni ebuya, okuyizikhathi avame ukubuya ngazo. Kuthe uma kushaya u-4.30 saqala sakhathazeka ngoba akufani naye ukulibala esikoleni,” kusho uChimukoko.
Uthe ngabo-7 ebusuku baye emaphoyiseni beyobika, kwabhekwa nasendaweni ukuthi akabonakali yini, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Uveze ukuthi bavuke ngoLwesine banikela esikoleni beyobuza kodwa bafike bathola ukuthi akazange afike nhlobo esikoleni.
Uthe baye nasesibhedlela beyobheka ukuthi akavelelwanga yini ingozi endleleni.
“Balandulile, bathi isibhedlela asikaze samukele muntu onegama elifana nelakhe. Sidlulele emaphoyiseni siyobika ukuthi ingane ayikatholakali, nokuthi esikoleni bathi ayikaze ifike nhlobo,” kusho uChimukoko.
Sebebuyela ekhaya emini, uthe kufike amadoda amabili endawo, ezobatshela ukuthi abaphuthume ngasenkundleni yezemidlalo ngoba sekutholakale isidumbu sentombazane.
“Sithe uma sifika khona, sathola ukuthi uyena. Siqale sakhangwa umfaniswano wakhe wesikole obuzihlalele wodwa, bude buduze nesidumbu sakhe. Sibe sesikhonjiswa lapho okutholwe khona isidumbu sakhe. Ubenqunu, egwaziwe waphinde wanqunywa,” kusho uChimukoko.
Ngaleso sikathi uthe bese kugcwele amaphoyisa namalungu omphakathi.
Uthe basola ukuthi ubulawelwe khona endaweni yesigameko ngoba bekunegazi eliningi phansi.
“Sifuna owenze lokhu aboshwe. Ukhombise isihluku ebulala ingane njengesilwane. Okubuhlungu ukuthi asazi ukuthi ubani, wakuphi lo owenze lokhu nokuthi siphephe kangakanani njengoba engakabanjwa.”
Uthe ubengaphethe ngisho isenti kanjalo neselula ngesikhathi eya esikoleni ngaphandle kwesikhwama sezincwadi zesikole.
Ikhansela lendawo, uMnuz Sphesihle Ntuli lithe isigameko sibashiye beshaqekile bewumphakathi.
“Amalungu omphakathi asanda kusabalalisa ezinkundleni zokuxhumana ukuthi abantu abaqaphele ngoba kukhona imoto engaziwa, ejaha izingane zamantombazane endaweni. Njengamanje sididekile, asazi noma umufi ubulawe abantu bayo yini le moto okukhulunywa ngayo.”
Uthe kuyaqala ukwenzeka isehlakalo esifuze lesi endaweni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aKwaDukuza aphenya icala lokubulala kulandela ukutholwa kwesidumbu sowesifazane eduze kwenkundla yezemidlalo eShakaville.
“Ubenqunywe intamo, waphinde wagwazwa emzimbeni. Kubikwa ukuthi unyamalale ngoLwesithathu,” kusho uLt Col Gwala.