OWESILISA obonakala kwi-video esezinkundleni zokuxhumana ebamba ngesidlozana umfundi ngezinwele, uvulelwe icala lokushaya.
U-Andries Booysen oneminyaka engu-51 obudala uvele kancane eNkantolo yeMantshi eMidrand lapho athole khona ibheyili kaR2000.
Isenzo salo mlisa okuthiwa ngumyeni kathishanhloko wesikole iCrowthorne Christian Academy, sishiye abaningi bethukuthele bethelwe ngezibonkolo.
Lo mlisa ugxavule umfundi oneminyaka engu-13 ubudala ngoba enengwa wukuthi unamagoda ekhanda okuyisitatela athi kasihambisani nemigomo yesikole.
An assault charge has been opened with police
— Yusuf Abramjee (@Abramjee) August 15, 2023
after a man is seen pushing a minor. There was a dispute over the learner’s extentions/dreadlocks. The incident took place at the Crowthorne Christian School in Midrand, Johannesburg. Video as received. pic.twitter.com/sI2rNTeydN
Yize lesi sikole sinenqubomgomo eyala abafundi ngokuthi hloboluni lwezitayela ezenziwayo nezingenziwa, abakwaGcabashe, okungumndeni walo mfundi ogamalakhe ligodliwe ukuze avikeleke, bathi le nqubomgomo ayisibali isitayela samagoda ngoba singesezinwele zakhe zemvelo, ngaleyo ndlela bekungafanele indodakazi yabo icwaswe kanje.
UMnuz Steve Mabona okhulumela uMnyango wezeMfundo eGauteng uthi akwamukelekile ngempela okwenzekile kumfundi.
“Umnyango uthumele abasebenzi abazohlola isimo nenqubomgomo yabo, ukuze isebenzele wonke umuntu. Akukho okubi ngamagoda ngoba yizinwele zemvelo futhi akukho okubi ngokuluka ngama-extension. Izikole kumele zigxile ekufundiseni nasemfundweni,” kusho uMabona.