UMNUZ Xolani Dube woMsinsi uthi ngokwabo umcimbi weHollywoodbets Durban July uphazamisekile njengokwesifiso sabo.
Le nhlangano yomphakathi beyikubeka kucace ukuthi yona ayihambisani nokuba khona kwalo mcimbi, ikakhulukazi njengoba bekukhona noMasipala weTheku kuwona.
“Siyitshelile iHollywoodbets Durban July nabezamabhizinisi bakulesi sifundazwe ukuthi kunobugebengu obenzekayo kuMasipala weTheku, abakwazi ukuthi bawenze ingxenye yalo mcimbi lo masipala. Empeleni lo masipala kumele ulekelelwe ngaphansi kwesigaba u-Section 154. Kulo masipala kuxhashazwa imali yabakhokhi bentela,” kusho uDube.
Uthe ngokwabo uphazamisekile lo mcimbi njengoba kwaba nesiphepho, kwacima ugesi kwaphinde kwaphazamiseka imijaho yamahhashi emithathu.
“Ngikholwa ukuthi iningi imali elahlekile ngokuphazamiseka kwalo mcimbi,” kusho uDube egcizelela ukuthi babebaxwayisile abahleli balo mcimbi.
Uphinde waveza ukuthi ngabe waboshwa ngoLwesihlanu kodwa walekelelwa ngummeli wakhe, uMnuz uSfiso Msomi.
Isolezwe Ngempelasonto Online limthintile uNkk Lindiwe Khuzwayo, okhulumela uMasipala weTheku, uvumile ukuthi lukhona uphenyo mayelana nokwenzeka kwiHDJ kokunqamuka kogesi kodwa wacela ukuthi athunyelelwe imibuzo. Ubethembise ukuthi uzoyiphendula khona izolo kodwa wagcina engakwenzanga lokho.